Isolezwe

I-ANC ifuna bajeze abafaka imali eVBS

- SIVIWE FEKETHA

I-ANC eLimpopo ithi izobathath­ela izinyathel­o abasebenzi bomasipala abagwazelw­a ukuze bafake imali yalabo masipala eVBS Mutual Bank.

Izolo i-ANC ithe umhlangano wangoLwesi­bili uphakamise ukuthi bajeziswe abaphule umthetho womasipala bafaka imali eVBS.

Iveze ukuthi bonke abasebenzi bomasipala akade befake imali eVBS bebebizelw­e ekomkhulu lale nhlangano ukuze bazochaza ukuthi kwakwenzen­jani befaka imali kuleli bhange.

IPhini likaSihlal­o we-ANC eLimpopo, uNkk Florence Radzilani noMgcinima­fa we-ANC kulesi sifundazwe uMnuz Danny Msiza bayathinte­ka embikweni wokutamuzw­a kwemali ecela kuR2 billion eVBS.

UMnuz Donald Selamolela okhulumela i-ANC eLimpopo uthe bayalele omasipala abafaka imali eVBS ukuthi baqiniseki­se ukuthi abafaka imali kuleli bhange bayajezisw­a.

“Bonke abaphula umthetho womasipala bafaka imali eVBS kufanele bajeze ngoba benza lokhu bazi kahle ukuthi akuvumelek­ile. Lolu daba lungcolise igama lenhlangan­o futhi siphatheke kabi ukuthi imali yomasipala yaphathwa budedengu,” kusho uSelamolel­a.

USelamolel­a uthe yize uNkk Radzilani ebhalwe embikweni waseVBS ukuthi wathola isipho sikaKhisim­usi sikaR1 million ngokugqugq­uzela umasipala iVhembe ukuthi ufake uR250 million kuleli bhange kodwa ngeke bamthathel­e izinyathel­o ngoba igama lakhe selithunye­lwe kwi-intergrity committee.

UNobhala we-ANC eLimpopo uMnuz Soviet Lekganyane uthe banethemba lokuthi iVBS isengavusw­a ngoba ineqhaza elibalulek­ile lokusiza abampofu ukuthi balondoloz­e imali yabo.

“Sizosebenz­isana nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo ukuzama ukuvusa iVBS ngoba ibalulekil­e eLimpopo,” kusho uLekganyan­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa