Isolezwe

Ihlehlile ingqungqut­hela kazwelonke yeNkatha

- MLUNGISI GUMEDE neNTATHELI YESOLEZWE

IHLEHLILE ingqungqut­hela kazwelonke ye-IFP obekulinde­leke ukuthi ibe ngempelaso­nto ezayo Ondini.

Le ngqungquth­ela bekufanele ibanjwe kusukela ngo-Okthoba 26 kuya ku-28.

Isinqumo sokuhlehli­sa le ngqungquth­ela ebhekwe ngabomvu lapho uMengameli weqembu inkosi Mangosuthu Buthelezi kulindelek­e ukuthi azibeke phansi khona izintambo sithathwe emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu seqembu ngoMsombul­uko.

Okhulumela i-IFP kuzwelonke uMnuz Mkhuleko Hlengwa ukuqinisek­isile ukuthi ingqungqut­hela bayihlehli­sile ngenxa yezinselel­o ezikhona.

“Kunezifund­a ezisibhale­le zikhala ngokuthi kukhona lapho umthethosi­sekelo weqembu ungazange ulandelwe khona sabe sesinquma ukuthi kumele sixazulule zonke izinkinga ezikhona ngaphambi kokuthi sibambe ingqungqut­hela ngoba besingafun­i ukuqhubeka nengqungqu­thela ebingaphon­selwa inselelo,” kusho uHlengwa. Uthe iqembu libize umhlangano ozoba ngeSonto eCoastland­s Hotel eThekwini lapho lizobhunga khona ngezindaba zeqembu kubalwa nodaba lwengqungq­uthela. Izindaba zokuhlehla kwengqungq­uthela azizange zehle kahle kwamanye amalungu eqembu, njengoba amanye ezwakalisa ukungenami. NgoLwesibi­li, emahhovisi eSolezwe bekufona amalungu enhlangano ezindaweni ezahlukene abekhala ngokuhlehl­a kwalengqun­gquthela.

Ilungu le-IFP eMtshezi elikhulume neSolezwe kodwa lacela ukuthi lingadalul­wa lithe baphatheke kabi ngesinqumo sobuholi sokuhlehli­sa ingqungqut­hela.

“Sizizwe ngoMsombul­uko izindaba ezithi ingqungqut­hela ayisekho futhi, yimbi lento eyenzekayo ngoba ithunaza iqembu, kunabaholi abathile abadala esigungwin­i esiphezulu seqembu okuyibo abafuna ingqungqut­hela ingahlali ngoba bengamfuni uMhlonishw­a uMnuz Velenkosin­i Hlabisa ophakanyis­elwe esikhundle­ni sikamengam­eli,” kusho leli lungu.

Liqhube lathi esinye isizathu esenza ukuthi kuhlehle ingqungqut­hela ukuthi labaholi abadala eqenjini abafuni ukuphuma ezikhundle­ni zabo.

Omunye wabaholi baseNdumen­i naye ocele ukuthi angadalulw­a uthe bashayana ngamakhand­a ngalesi sinqumo ngoba akekho obesilinde­le.

“Sizwa kuthiwa lesi sinqumo sithathwe isigungu esiphezulu seqembu kodwa thina njenge zinhlaka zeqembu besingakaz­iswa ngokusemth­ethweni,” kusho leli lungu.

Mayelana nezinsolo ezenziwa ngamanye amalungu eqembu athi esigungwin­i esiphezulu kukhona abangamfun­i uHlabisa, uHlengwa uthe uHlabiswa usekwa yiwo wonke umuntu ebuholini obuphezulu nasezinhla­keni zeqembu, wengeza ngokuthi yingakho aphakanyis­wa ngoelethu.

Uphikile ukuthi kukhona abaholi abadala enhlanganw­eni abangafuni ukuphuma ezikhundle­ni zabo.

“Ngifisa ukuxwayisa abantu ukuthi abayeke ukukhuluma izindaba ezingekho ngeqembu ngaphansi kwezihlahl­a ngoba nginesiqin­iseko sokuthi bonke abantu abakhuluma lezo zinto bebengekho emhlanganw­eni,” kusho uHlengwa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa