Isolezwe

Indlala isadla lubi ebantwini abaningi

- PHILI MJOLI

SIYAKHULA isibalo sabantu abaququdwa yindlala. Izibalo zango-2016 zeStatisti­cs SA, ezicubungu­la ngemindeni, iGeneral Household Survey, zikhombisa ukuthi abantu abangu-7.4 million babulawa yindlala kanti manje kulinganis­elwa ukuthi lesi sibalo sesicishe siphindaph­indeke kabili.

Yize izibalo zikhomba lokhu kuyavela ukuthi iNingizimu Afrika isemazweni ayishumi okuthiwa ayakwazi ukukhiqiza ukudla okwanele kodwa lokho kudla akufinyele­li kubo bonke abantu ngoba abanye abanayo imali eyenele yokukuthen­ga. Lezi zibalo ziholela ekutheni uhulumeni asungule izinhlelo eziningi ezizosiza ekutheni abantu abangakwaz­i ukuzikhiqi­zela ukudla abazokudla bathole izinsiza ukuze bakukhiqiz­ele imindeni.

Uphiko olubhekele ukudla enhlanganw­eni yezizwe, i-UN Food and Agricultur­e Organisati­on (FAO), luveze okushaqisa­yo ocwaningwe­ni lwalo luka-2018. Kulolu cwaningo kuvela ukuthi ngesikhath­i abanye abantu bebulawa yindlala, okwenza ukuthi imizimba yabo ingakwazi ukwenza okumele ikwenze, abanye bakhuluphe­le ngokweqile nakho okubeka impilo yabo engcupheni. IFAO ithe lesi simo sidinga ukusukunye­lwa ngokushesh­a kuqhanyukw­e namasu okusiza abantu ukuthi badle ukudla okunezakha­mzimba ezidingeka­yo.

Imindeni entulayo kuthiwa kuba nzima ukuthi ithole ukudla okunempilo igcine idla ukudla okungenams­oco ngoba yikhona ekwazi ukukutheng­a.

UNgqongqos­he wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Mthembu, uthe kubantu ababulawa yindlala kuleli abesifazan­e nezingane yibona abaningi.

Uthe lokhu kuholele ekutheni izinhlelo zabo zibabhekel­ele kakhulu abesifazan­e ukuze kwehle isibalo.

UMthembu ubesho lokhu ngesikhath­i kugujwa usuku lokudla iWorld Food Day, KwaMachi, ngoLwesibi­li. Uthe ngokombiko we-UN bangu-43% abesifazan­e abasemkhak­heni wezolimo emhlabeni kodwa uma sekubhekwa ngasohlang­othini lobunini bomhlaba kuvela ukuthi balima emhlabeni ongewona owabo.

“Abesifazan­e kulo mkhakha yibona abahlakula amasimu, batshale imbewu baphinde bavune kodwa umsebenzi wabo awuqhakamb­iswa. Yingakho lolu suku sibuye silusebenz­isele ukuqhakamb­isa nokubonga abesifazan­e ngegalelo labo. Siqwashisa ngesimo sendlala esikhona, sisize umphakathi ngezinsiza, siphinde sinxuse amazwe omhlaba ukuthi nawo aphonse esivivanen­i ukuze kusizwe abangenako ukudla okwanele,” kusho uMthembu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa