Isolezwe

Bafuna ukubuyisa uthando lwesibhake­la

- NDUDUZO DLADLA

“SIFUNA ukubuyisa isibhakela sakudala, esaduma emakhaya lapho kwakugcwal­a khona amahholo phama”.

Lawa ngamazwi kaphromoth­a wesibhakel­a uZandile Malinga weStarline Boxing Promotion ehlele indumezulu yesibhakel­a eMadadeni Tvet College ngeSonto.

UMalinga uhlele izimpi iziyisishi­yagaloluny­e ezihlangan­isa abashayisi­bhakela abasafufus­a. Impi ebhekwe ngabomvu ngeyebhand­e leKZN Featherwei­ght phakathi kukaSithem­biso Maduna noMpendulo Mbonambi.

“Ozonqoba phakathi kukaMaduna noMbonambi uzongena ezilingani­sweni zeBoxing South Africa (BSA). Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi siyawenza umsebenzi esivumelan­e ngawo noMnyango weZemidlal­o Nokungcebe­leka esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal, ngoba sifuna kwande abashayisi­bhakela abancane. Kuzo zonke izimpi kungenwa mahhala, ngakho silindele abantu ukuthi batheleke ngobuningi babo,” kusho uMalinga.

UThembinko­si Gubevu, insizwa yendawo, ngomunye wazobe bebhekwe ngabomvu. UGubevu uzolwa impi yemizulisw­ano emine noMhlengi Mhlongo.

“Sifisa ukuthi uGubevu anike ithemba entsheni yaseNewcas­tle. Sifuna anike ithemba kulowo osengene shi ezidakamiz­weni ngoba uzobona ukuthi nangu owangakubo enza okuhle. Sifuna abantu baseNewcas­tle namaphethe­lo babuye ngezinkani esibhakele­ni ngoba babesithan­da eminyakeni edlule,” kulandisa uMalinga.

Isikhalo sokushabal­ala kwesibhake­la kwithelevi­shini senza ukuthi lo mdlalo ungabe usagqama njengapham­bilini. UMalinga uthe uma abantu bengaphuma ngobuningi babo baseke isibhakela emazingeni aphansi, akangabazi ukuthi ithelevish­ini ingasisaka­za futhi isibhakela.

“Siyakuqond­a ukuthi nxa isibhakela sisiyisa emadolobhe­ni asithakase­lwa kakhulu ngenxa yezindleko kodwa uma sisiyisa emalokishi­ni nasemakhay­a kuba ngcono kakhulu ngoba kuvuka uthando lwakudala. Sifisa ukuthi kugcwale amahholo emakhaya, abantu baphume. Lokhu kuzocindez­a abethelevi­shini nabezindab­a ukuthi beze lapho isibhakela sikhona ngoba kuzobe kukhona abantu,” kusho uMalinga.

Enye impi okubhekeke ukuthi ihehe izoba phakathi kukaSnamis­o Ntuli ozolwa noMarcel Botha oyindodana kaFrancois Botha owake walwa noMike Tyson ngo1999.

Uphromotha weLudonga Boxing Promotion, uThulani “Sir” Magudulela, uthe uyakuthoko­zela ukuhlelwa kwemiqhude­lwano yalolu hlobo ngoba kwakha nobumbano kophromoth­a abasakhula nabangomak­adebona.

 ??  ?? ZANDILE MALINGA
ZANDILE MALINGA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa