Isolezwe

UCobra weneme ngoKhenyez­a kweleMDC

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI waMaZulu FC kwiMultiCh­oice Diski Challenge (MDC), U-Ayanda “Cobra” Dlamini, uthi angakujabu­lela ukusebenzi­sana noMabhudi Khenyeza eqenjini lakhe eligila izimanga kulo mqhudelwan­o.

Emasontwen­i ambalwa edlule leli phephandab­a lishicelel­e udaba ngemibiko ethi uKhenyeza kungenzeka kube yisizini yakhe yokugcina, ngemuva kweminyaka ewu-18 engumdlali ebholeli elikhokhel­ayo.

UKhenyeza kuthiwa uke waba nomhlangan­o nabaphathi boSuthu waluneka udaba lwakhe, eveza ukuthi akasathand­i ukudlala ibhola kodwa usefisa ukuba ngumqeqesh­i.

Isolezwe labalula nokuthi uKhenyeza ufuna ukulekelel­ana noDlamini eqenjini leMDC oSuthwini.

Kuthiwa abaphathi bamncengil­e ukuthi okungenani aqedele isizini ka-2018/2019. UDlamini upheka Usuthu olusendawe­ni yesine kwi-log yeMDC.

“Ngingakuja­bulela kakhulu ukusebenza noMabhudi, empeleni siyaye sikhulume naye. Kumanje uneqembu lakhe aliphekayo. Siye sikhulume ukuthi uma singaseben­za ndawonye singajabul­a ngoba sinogqozi lokusiza abafana. UKhenyeza unothando lwebhola, futhi unothando lokuqeqesh­a,” kusho

uDlamini. Isikhulu esiphezulu kuMaZulu, uLunga Sokhela, sisanda kuveza ukuthi uma uKhenyeza engaliyeka ibhola, ngeke bamdedele eqenjini. “Ngonyaka odlule, sivuselele inkontilek­a kaMabhudi ngonyaka. Sixoxa naye njalo, ukubeke kwacaca ukuthi usefike esigabeni empilweni yakhe lapho khona kufanele asize abadlali abasebanca­ne. Uyakuqonda futhi ukuthi impilo yakhe njengomgad­li ayisefani naseminyak­eni eyishumi eyedlule. Kukhona akuvezile ukuthi ufisa ukukwenza ngempilo yakhe ngemuva kokudlala. Simncengil­e ukuthi ayiqede le sizini, ngokuthi adlale, ngoba ungumholi. Uma esethi usefuna ukushiya njengoba kwenza uSiyabonga Nomvethe, naye ngeke simuvimbe,” usho kanje uSokhela, oLundi ngeledlule.

Siqhubeka lesi sikhulu sichaza, sithe uma uKhenyeza esewagaxa emgibeni amakhokho, ngeke alushiye Usuthu.

“Sizomgcina noma yikanjani. Siyakholel­wa ekutheni kukhulu angakwenze­la iqembu uma engaseyena umdlali. Siyabagcin­a abadlali esikholelw­a ekutheni banomsoco odingwa yileli qembu, nangaphand­le kwenkundla. Abadlali babukela kuyena, unolwazi olunzulu ngebhola, esikholwa wukuthi uzokwazi ukuludluli­sela kubadlali,” kucacisa uSokhela.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMABHUDI Khenyeza waMaZulu angase aqeqeshe iqembu leMDC no-Ayanda Dlamini ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMABHUDI Khenyeza waMaZulu angase aqeqeshe iqembu leMDC no-Ayanda Dlamini ngesizini ezayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa