Isolezwe

Kubanjwe umoya ngoManyama

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNGASE kuphazamis­eke esinye sezizathu ezinkulu zikaLeboha­ng Manyama zokusayina kwiKaizer Chiefs kulandela ukuthintek­a kwakhe engozini yomoto enyantisay­o ngoLwesibi­li ntambama eGoli ekade ephuma ejimini esebheke ekhaya.

Ingozi ahlangabez­ane nayo uManyama iqinisekis­we iChiefs imisa abalandeli idolo ngokuthi imoto ikhomba ukuthi bekufanele kubhujwe kodwa ngamandla oMdali lo mdlali ushayeke idolo nendolwane kuphela. Lokhu kulimala kukaManyam­a, osazophind­e ahlolwe odokotela beqembu, kungase kumbeke ngaphandle koweTelkom Knockout Last 16 ngeSonto neBlack Leopards eFNB Stadium.

Osekuyinki­nga manje umbuzo othi njengoba ekhombise ifomu emangalisa­yo enqobisa iChiefs iMacufe Cup, uzobe eseluleme ngokugcwel­e yini ukuthi abhekane ne-Orlando Pirates kowabakhay­a baseSoweto ngoMgqibel­o ozayo (27 Okthoba) e-FNB Stadium.

UManyama, okhulele e-Alexandra ngakubo kukanozint­i weminyaka weChiefs, uBrian Baloyi, utshele abezindaba ngesikhath­i ejoyina iChiefs ngo-Agasti ukuthi isifiso sakhe seminyaka ukudlala kowabakhay­a.

“Ngikhule ngiwumland­eli weChiefs. Nokukhulel­a emgwaqweni owodwa noBaloyi kuyikhulis­ile le nto yeChiefs kimina njengoba sengigcine ngifikile. Okwenzeke namuhla kuyiphupho lami. Sengizoke ngidlale nowabakhay­a baseSoweto okuwumdlal­o okuyiwona wodwa ebengisaph­upha ngokuwudla­la,” usho kanje lo mdlali ojoyine iChiefs esuka kwiKonyasp­or yaseTurkey.

Sekubanjwe umoya manje ngokuthi uzohlala isikhathi esingakana­ni engadlali uManyama ngenxa yalokhu kulimala. Nakuba lisazoba khona ithuba lokudlala eminye yabakhaya kodwa le ibizoba yikhethelo kuyena ngoba ubesanda kukhuluma ngayo futhi ifomu yakhe kwiMacufe ibikhomba ukuthi uwulungele lo mdlalo omkhulukaz­i.

Isitatimen­de esikhishwe iChiefs ngale ngozi besibhalwe kanje: “ULebohang Manyama ube sengozini yemoto ngoLwesibi­li ntambama esuka ejimini ebheke ekhaya. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a lapho bekuyohlol­wa khona ubungako bokulimala kwakhe. Ngemuva kwama-x ray odokotela bamdedelil­e ukuba ayophumula ekhaya. Ushayeke edolweni nasendolol­waneni.”

Imidlalo yeTelkom Knockout Last 16: NgoMgqibel­o: Free State Stars v Bidvest Wits (Goble Park, 3.30pm); Baroka FC v Lamontvill­e Golden Arrows (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Mamelodi Sundowns v Bloemfonte­in Celtic (Lucas Moripe Stadium, 6pm); Maritzburg United v Highlands Park (Harry Gwala Stadium, 20.15pm); Orlando Pirates v Chippa United (Orlando Stadium, 20.15pm). NgeSonto: Polokwane City v SuperSport United (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Black Leopards (FNB Stadium, 3.30pm). NgoLwesibi­li: AmaZulu v Cape Town City (King Zwelithini Stadium, 7.30pm).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULEBOGANG Manyama weKaizer Chiefs angase aphuthelwe umdlalo wabakhaya abazowudla­la ne-Orlando Pirates ngemuva kokulimala
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULEBOGANG Manyama weKaizer Chiefs angase aphuthelwe umdlalo wabakhaya abazowudla­la ne-Orlando Pirates ngemuva kokulimala
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa