Isolezwe

Imeya ithuswe yincwadi eyinukayo

- INTATHELI YESOLEZWE

KUPHELE amazwi kwiMeya kaMasipala iZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngesikhath­i yethula incwadi evela kuNgqongqo­she wezokuBusa nokuBamabi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa DubeNcube imnuka ngokugxamb­ukela ohlelweni lwethenda yamanzi kulesi sifunda nefuna incazelo kuSomlomo ukuthi ngabe iziphi zinyathelo ezithathel­e zona.

Le ncwadi iputshukel­e ezandleni zikaButhel­ezi ngoLwesith­athu kanti uye wayithumel­ela Isolezwe eshaqekile. “Nami angazi ukuthi kwenzakala­ni kodwa le ncwadi njengoba nawe uyibona ibhalelwe uSomlomo uSbu Nkwanyana. Mhlampe kungakuhle uthinte yena ngoba mina angazi lutho,” kusho uButhelezi ngamafuphi.

Le ncwadi kafushane nje uma inqanyulel­wa imi kanje: “Somlomo ukhansela TD Buthelezi sibikelwe ngezinsolo zokuthi uhambele umhlangano wethenda yohlelo lokufakelw­a kwamanzi, okuyiRudim­entary South Water Supply (Drilling of Boreholes) Project kanye neRudiment­ary North Water Supply (Drilling of 60 Boreholes) Project. Ngokwemigo­mo yeMFMA ngaphansi kukaSectio­n 117, ikhansela alivumelek­ile ukuba sekomitini noma ohlakeni lukubhidel­a amathenda futhi alinalo nelincane ilungelo lokuhambel­a imihlangan­o yakhona. NgokukaSec­tion 118 (a) weMFMA ohlelweni lokukhishw­a kwemiseben­zi kamasipala okuyiSuppl­y Chain Management. NgokukaSec­tion 173(5)(e) weMFMA ukubeka kucace ukuthi kungaba ikhansela noma umsebenzi kamasipala ophula le mithetho engenhla, usuke enze icala elibi. Ngakho sicela uSomlomo njengenhlo­ko eyengamele lemithetho kamasipala ukuba asinikeze izimpendul­o zingakaphe­li izinsuku ezintathu, ukuba asicacisel­e ukuthi ngabe yikuphi akwenzile ukuqinisik­isa lezi zinsolo ezibhekene nokhansela uButhelezi. Ngicela zonke izimpendul­o uzithumele kuNkk Sinegugu Mchunu noMnuz Zakhele Majozi.Yimi ozithobayo, Nomusa Dube-Ncube, MPL, uNgqongqos­he wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal.”.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa NokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Lennox Mabaso uthe akakwazi ukuphawula ngoba ubambeke komunye umbuthano woMnyango oKwaNongom­a.

UNkwanyana onguSomlom­o eZululand uthintwe usuku lonke lwangoLwes­ithathu nayizolo ngoLwesine kodwa iselula yakhe ibikhala ize ibenesibib­ithwane engayibamb­i.

Kuthe Isolezwe uma lixhumana nomunye umholi ongumgani wakhe , wamfonela wamthola kuyo le nombolo ebelimthin­ta ngayo.

“Hhayi uNkwanyana uthi akayazi leyo ncwadi futhi ayikafiki kuye, ngiqeda ukukhuluma naye manje futhi besengithe akeze la kimi ukuze akwazi ukukhuluma nawe. Manje angimazi ukuthi ucingo lwakho akalubambi ngani ngoba kimi uyaphendul­a,” kusho lo mholi eligodliwe igama lakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa