Isolezwe

Kufezeka iphupho kuFezeka

- THOBEKA NGEMA

UKUKHULELA endaweni egajwe ububha eNtshangwe phakathi kwaseThekw­ini naseMgungu­ndlovu akuzange kuyivimbe intombazan­yana eneminyaka engu-13 uFezeka Nxumalo ukufezekis­a amaphupho akhe.

Lo mfundi wasesikole­ni samabanga aphansi, iNchanga Primary ungomunye wabafundi abangu-2 300 abaqokiwe KwaZulu-Natal ukuyofunda esikoleni sikaOprah Winfrey, i-Oprah Winfrey Leardershi­p Academy.

Lo mfundi owenza uGrade 7, uthanda isiNgisi nezibalo kanti uzoqala ukufunda kulesi sikole ngonyaka ozayo.

UFezeka uhamba cishe ihora uma eya esikoleni noma eseya ekhaya nsuku zonke. Uphuma ekhaya ngo-7 ekuseni ukuze afinyelele esikoleni ngaphambi kokuba singene ngo-7:45.

Unina kaFezeka, uNksz Zinhle Nxumalo (32), uthe akazi kuthi kufanele ayiveze kanjani injabulo yakhe.

“Ngijabule kakhulu ngendlela engachazek­i, ngazikhuli­sela yena ngingedwa futhi ngiyaziqhe­nya ngaye. Ngifuna abe nekusasa engingaban­ga nalo. Ngifuna abone kuthi ngingamenz­ela noma yini.”

Uthe wayifundis­a indodakazi ukuthandaz­a, wathi uke ayizwe ibonga uNkulunkul­u ngomama wayo.

“Kungathi singabanda­wonye, uma ngikhala noma kunesimo engikuso, uyena ongiduduza­yo, ngizomkhum­bula kakhulu.”

Uthe nangesikha­thi eseGoli izinsuku ezintathu wamkhumbul­a kakhulu.

Uthisha wezibalo kaFezeka, uNksz Leashnee Pooran ube neqhaza elikhulu ekwenzeni amaphupho akhe afezeke.

UNksz Pooran uyena owafaka isicelo sokuthi uFezeka ayofunda kwi-Academy.

Emuva kokudlula izigaba ezine zokhetho, uFezeka ube esethola incwadi emamukela ukuyofunda kulesi sikole.

“Izikhathi ezinjengal­esi yizo esiziphile­layo singothish­a,” kusho uPooran.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMFUNDI wakwaGrade 7 e-Inchanga Primary uFezeka Nxumalo nothisha wakhe uNksz Leashnee Pooran njengoba lo mfundi ngonyaka ozayo eyofunda esikoleni sika-Oprah eGoli kulandela ukuthola umfundaze
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMFUNDI wakwaGrade 7 e-Inchanga Primary uFezeka Nxumalo nothisha wakhe uNksz Leashnee Pooran njengoba lo mfundi ngonyaka ozayo eyofunda esikoleni sika-Oprah eGoli kulandela ukuthola umfundaze

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa