Isolezwe

Konke kuvuna iCell C Sharks koweCurrie Cup

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weCell C Sharks, uRobert du Preez, nabadlali bakhe ngeke babe nethuba lokucasha ngesithuph­a njengoba cishe konke kuvuna bona kowandulel­a owamanqamu neGolden Lions.

Lo mdlalo weCurrie Cup ukusasa ngo-2.30 ntambama, eJohnson Kings Park, eThekwini.

Kulo mdlalo iSharks, eqede isendaweni yesibili, izokwamuke­la iLions eqede endaweni yesithathu enkundleni yayo lapho kulindelek­e khona ukuthi baphume ngezinkani abalandeli.

Ngaphandle kwabalande­li nenkundla okuvuna ezikaDu Preez, nomphumela wakamuva ngesikhath­i kuhlangene la maqembu kulo mqhudelwan­o ukhomba ukuthi iqembu lasekhaya yilona elisendawe­ni engcono. ISharks inqobe kwiLions ngo 37-21 esikhathin­i esingangen­yanga.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzobe kubhekene iWestern Province (eqede iqhwakele) neBlue Bulls eqede isendaweni yesine. Ayisikhomb­isa kuphela amaqembu aseke adla lesi sicoco kusukela saqalwa ngo-1892.

Kulawo maqembu ayisikhomb­isa iSharks isidle lesi sicoco amahlandla ayisikhomb­isa. Esokugcina isithathe ngo-2013 lapho ishayele khona ekhaya iProvince.

Akazange asishintsh­e kangako isikimu esidlale neGriquas uDu Preez ngaphandle kokubuyisa uThomas du Toit noDaniel du Preez.

“Asisekho manje isikhathi sokucabang­a okuningi ngaphandle kokuqinise­kisa ukuthi uma kuphela imizuzu ewu-80 kube yithina esinamaphu­zu amaningi. Sibhekene neqembu elinzima kakhulu kwazise ligqishe nangamaBho­kobhoko kodwa nakithina isimo esifanayo. Ukunqoba yikhona esicabanga ngakho kodwa siyazi sibhekene neqembu elingasihl­ula uma singazitha­mbisa,” kusho uDu Preez.

Sesisonke isikimu sikaDu Preez azogadla ngaso kwiLions simi kanje: Curwin Bosch, Sbu Nkosi, Jeremy Ward, Marius Louw, Lwazi Mvovo, Robert du Preez, Louis Schruder (ukaputeni), Daniel du Preez, Tyler Paul, Jacques Vermeulen, Hyron Andrews, Gideon Koegelenbe­rg, Thomas du Toit, Akker van der Merwe noJuan Schoeman.

Ebhentshin­i: Chiliboy Ralepelle, Mzamo Majola, Coenie Oosthuizen, Luke Stringer, Jean-Luc du Preez, Cameron Wright, Leolin Zas no-Aphelele Fassi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa