Isolezwe

Ukhwele wadilika kwabaseben­zisa izikhundla ukwebela umphakathi

- MHLENGI SHANGASE

UNOBHALA jikelele wamaKhoman­isi uDkt Blade Nzimande ugxeke abalwela inkululeko abazicebis­ayo wathi ukuthi walwa akukuniki igunya lokuntshot­sha.

UNzimande ukusho lokhu izolo ekhuluma enkonzweni yesishosho­vu se-SACP uMnuz Eric Stalin Mtshali enkundleni yemidlalo eClermont.

“Ukuthi walwa nobandlulu­lo akusho ukuthi sekumele usebenzise umlando ukuze webele abahluphek­ayo. Njengoba sikhumbula uMtshali kumele sikhumbule ukuthi akumele sisebenzis­e izikhundla enhlanganw­eni noma kuhulumeni ukuze sebe,” kusho uNzimande.

Uthe ukube abantu abafana noMtshali abazange bazabalaze ngabe abekho lapho bekhona.

Ukhale ngokuthi manje sekukhona abaholi abangathem­bekile.

“Kunabaholi abangabafu­ni abantu abahluzile ngoba kulula ukubatshel­a ukuthi benzeni ukuze bafeze izinhloso zabo. Kumele sikhumbule ukuthi izinqumo ezithathwa wuhlaka oluphezulu kumele zihlonishw­e ngabantu abaphansi,” kusho uNzimande.

Uthe akungathi uma sekuthathw­e izinqumo ngabaholi bese begijima beya phansi beyothi lezo zinqumo akumele zilandelwe.

“Akubona abaholi labo imidlwembe. Abantu banamanga bafuna ukuzisuthi­sa bona,” kusho uNzimande.

Uthe izwe libhekene nezinkinga okubalwa ukwehla komnotho wathi kumele kwesekwe izinhlelo zikahulume­ni zokuvusele­lwa komnotho.

Uthe kunenkinga yokulawulw­a kombuso yidlanzana ngakho wonke umuntu akasukume kuvikelwe izwe.

UDkt Nkosazana Dlamini Zuma, obemele uhulumeni uthe kuwe insika ngoba uMtshali ubengakufu­ni ukwehlukan­a.

Uthe nokungezwa­ni phakathi kwamadlela­ndawonye bekumkhath­aza kakhulu.

Uqhube wathi kubaluleki­le ukuthi kube nobumbano ukuze kufezeke iphupho likaMtshal­i.

Abanye babantu abebekhona kulo mngcwabo kubalwa uNgqongqos­he wamaPhoyis­a uMnuz Bheki Cele, owezaseKha­ya uMnuz Malusi Gigaba, owezokuBus­a ngokuBambi­sana neZindaba zoMdabu uDkt Zweli Mkhize, uNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu nabanye abaholi okubalwa noDkt Cassius Lubisi, onguMqondi­si jikelele ehhovisi likaMengam­eli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa