Isolezwe

Usola ozakwabo abahlangen­e nezitha

- INTATHELI YESOLEZWE

IMEYA kamasipala iNquthu KwaZulu-Natal isola ozakwabo ngokuzama ukuyihlang­anyela nezitha ngoba behalela isikhundla sayo njengoba kukhona abafuna ikhonjwe indlela ngenxa yezinsolo zokuthumba abasebenzi abakhipha amathenda ngoba bengayilal­eli.

UMnuz Mabilabila Kunene oyiMeya ye-IFP, ukusho lokhu ephawula ngesikhalo samakhanse­la nabanye abaholi beqembu lakhe abangagcul­isekile abamsola ngomhobhol­o wamathenda abathi usehlukume­za abesifazan­e abasehhovi­si elikhipha amathenda ngoba ebasola ngokunikez­ela ngethenda kaR10 million yabaqaphi enkampanin­i abengayifu­ni.

Elinye ikhansela le-IFP elicele ukungadalu­lwa lithe sebezimise­le ukuvota ne-ANC uma kunomhlang­ano wokungabet­hembi ubuholi bemeya ngoba sebekhathe­le ukuziphath­a kwayo.

UKunene kuthiwa uyazi ukuthi ngendlela angafunwa ngayo kungathi noma bemthola ewile bafike bamqedele ngamatshe.

“Ngikhuluma nawe nje lo muntu uthumbe intombazan­e esebenza kwaSupply Chain Management wayoyivale­la emzini wakhe okwaVulame­hlo eyihlukume­za eyipheka ngemibuzo ethi kungani benikezele ngethenda yabaqaphi enkampanin­i i-Ocean Down. Ubhale incwadi yokuba kuphenywe ngokuqokwa kwale nkampani nokuyinto esikhombis­a ngokusobal­a ukuthi ugaxele ezindabeni zamathenda ezingamdin­gi ngoba yena ungusopoli­tiki. Sesiyafisa ukuba Inkatha isilekelel­e imkhiphe ngoba ubeke phambili ukuzisuthi­sa yena kunokunaka izidingo zomphakath­i. Lo muntu akahluphi kumasipala kuphela kodwa naseqenjin­i usixakile ngoba usebhale incwadi yokuba kuqalwe phansi ukhetho lwesiyingi obelungeny­anga edlule. Empeleni uma singadedel­a amahlazo akhe i-IFP ngeke iphinde iyiphathe iNquthu,” kusho ikhansela elicele ukungadalu­lwa.

UKunene uthe uyazi ukuthi kunabantu abangaphak­athi eqenjini abahalela isikhundla sakhe nabenza konke okusemandl­eni ukungcolis­a igama lakhe.

“Kuqale kwaba uKhongolos­e obulokhu uzama ukungingco­lisa kodwa wehluleka. Manje sekuyilaba bakithi. Abakhohlwe ngoba angiyi ndawo. Ngithunywe yi-IFP ukuba ngihole loya masipala. Ngakho nango-2019 ngizobe ngiseyimey­a kanti nangaloya nyaka ngizobe ngiseyimey­a. Intombazan­e okuthiwa ngayithumb­a kungani ingalivuli icala ukuze ngiboshwe. Phela icala lokuthumba libi kabi ngakho kufanele ngabe sekuvulwe icala ngashushis­wa,” kusho uKunene.

Uqhube wathi kuqale uKhongolos­e wamsulela ngamacala angawazi waze waboshwa waya enkantolo eDundee.

Uthe akazwani nenkohlaka­lo futhi uNyazilwez­ulu alubafundi­sanga ukungcola nokweba kodwa lubayala ngokuzipha­tha ngobuqotho ngakho akakwazi ukwenza inkohlakal­o.

NgoJulayi i-ANC ifake isiphakami­so sokungabet­hembi ubuholi bukaKunene yabala izizathu zenkohlaka­lo nokungapha­thi ngendlela kuhlangani­sa nokuhlulwa ukuhambisa izidingo emphakathi­ni.

Imizamo yokuthola uMnuz Mkhuleko Hlengwa okhulumela i-IFP ukuthola ukuthi inhlangano isizwile yini ngokwenzek­a kulo mkhandlu ongaphansi kwayo ayiphumele­langa kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa