Isolezwe

Umnikelo ekulweni eyobhejane

- INTATHELI YESOLEZWE

ABEZAMAPAK­I kuleli, iSouth African National Parks (SANParks) bahlabane ngemoto ezobasiza empini yokulwa nokubulawa kobhejane.

Lokhu kulandela ukunikelel­wa kwabo abakwaToyo­ta South Africa Motors (TSAM) ngemoto iToyota Hilux ngenhloso yokubasiza emikhankas­weni yabo yokulwa nokubulawa kobhejane.

Le moto kulindelek­e ukuthi ikwazi ukubasiza uma bezama ukubheka ukuthi abekho yini abazingela obhejane. Kuthiwa inobuchwep­heshe obukwazi ukuveza uma kukhona umuntu onyakazayo ehlathini okuwusizo kakhulu ezindaweni ezifana naseKruger National Park.

Isikhulu sakwaSANPa­rks, uMnuz Dumisani Dlamini sithe le moto izokwazi ukubasiza ukuthi basheshe bathole imininingw­ane ezokwazi ukubasiza ukulwa nalesi sihlava.

“Ukuzibanda­kanya kwabakwaTo­yota ekutheni banikele ngalo mnikelo kukhombisa ukuzimisel­a kwabo ekulweni nobugebeng­u obuthinta izilwane zasendle futhi siyakubona kakhulu,” kusho uDlamini. Uthe bayakubong­a nokubambis­ana osekukhona phakathi kwabo namalungu omphakathi wonkana nezinkampa­ni ezinkulu zakuleli. Uthe le moto izoba yithuluzi elibalulek­ile elizosiza ukuqinisa izinhlelo zabo asebezifak­ile ukulwa nokubulawa kobhejane. NgoDisemba abakwaToyo­ta banikele ngezimoto ezine amaToyota Avanza eKruger National Park ukuze zisetshenz­iselwe ukulwa nobugebeng­u. Isikhulu sakwaToyot­a, uMnuz Calvyn Hamman sithe bazibophez­ele ekutheni banikele ezinhlelwe­ni zomphakath­i. Uthe kubaluleki­le ukuthi kuvikelwe izilwane zasendle, ikakhulu obhejane nezinye ezisengozi­ni yokuphela, yingakho bezimisele ngokweseka abakwaSANP­arks. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa