Izaba nokuxosha izinyoka ekhaya azisebenzi
UKUSHISA ithayi noma ukuchela igceke ngoshiboshi akuzibalekisi izinyoka emzini wakho.
Lokhu kushiwo uMnuz Jason Arnold owungoti obamba izinyoka eThekwini. Uthe izinyoka eziningi aseke wazibamba emizini yabantu zisuke zikulo lelo gceke okusuke kukade kushiswa kulo ithayi noma elichelwe ngoshibhoshi, ngenhloso yokuthi iphume lapho icashe khona.
Uthe inyoka iphuma lapho icashe khona kuphela ima ibona sengathi isivalelekile noma izibona sengathi isengozini.
“Angazi ukuthi ubani owaqhamuka nesu lokushisa ithayi nokuchela ngamanzi anoshibhoshi egcekeni.
Abanye batshala ishaladi noma u-anyanisi eduze kwezindlu ngoba bekholwa ukuthi kuzoqhelisa izinyoka. Iqiniso ukuthi lezi zinto azizivimbi izinyoka ukuthi zihambe egcekeni.
Uma inyoka izibona ukuthi ivikelekile iyazihlalela noma ngabe lezi zinto zenziwe kulelo gceke,” kusho u- Arnold.
Uqhube wathi izinyoka zibonakala kakhulu phakathi kukaSepthemba noNovemba ngoba yisikhathi lapho zisuke zimatasa khona zakha imindeni emisha, ngakho ziphuma lapho zisuke zicashe khona ukuze zithole ophathina.
Uthe ezinye sezizathu ukuthi entwasahlobo kuba nezimvula bese kuba nezinambuzane namaxoxo adliwa yizo izinyoka, ziyaphuma ziyozingela.
Uthe yize indawo ngayinye kungenzeka ibe nezinyoka ezingu-25 ezehlukene kodwa zikhona izinyoka ezivamise ukubonakala ezindaweni eziningi kuleli, njengemamba emnyama, night adder, vino snakes, Boomslang, i-stilletto neMozambique spitting cobra.
Uthe nakuba zonke izinyoka zinobuthi kodwa zikhona ezinobuthi obungabulali kodwa obuholela ekutheni uvuvukale noma ulahlekelwe yilelo lunga lomzimba elilunywe yinyoka njenge-stiletto.
Uqhube wathi izinyoka ziluma abantu ngoba zisuke zicabanga ukuthi zisengozini noma ziyahlaselwa kodwa azibahlaseli abantu. Uthe uma inyoka ikubone kuqala iyabaleka. Unxuse umphakathi ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka ususe zonke izinto ezingaba yikhaya lezinyoka njengezinkuni, uthayela nezinye izinto ezingaba segcekeni. Uthe uma lezi zinto zikhona egcekeni kumele zinganciki enhlabathini ngoba izinyoka ziyathanda ukuhlala endaweni emnyama, azifuni ukuhlala endaweni lapho zizophazanyiswa khona izinja nezinye izilwane. Izihlahla ezinde notshani obude, uthe nakho akudingeki ngalesi sikhathi.
Uthe uma kwenzeka ulunywa yinyoka kumele ubophe inxeba ngebhandishi, bese uphuthuma esikhungweni sezempilo. Uthe kumele uqaphele ukuthi awuliqinisi kakhulu kuze kuphazamiseke ukuhamba kwegazi ngoba ungagcina uqunywa kanti inyoka ekulumile ayinabo ubuthi.
Uqhube wathi kumele wehlise ukwethuka ngoba ukushaya ngamandla kwenhliziyo ngenxa yokwethuka kungaholela ekutheni ubuthi busheshe busabalale emzimbeni.
Uthe ukukwazi ukuchaza ukuthi inyoka ekulumile ibinjani kuyabasiza abasesikhungweni sezempilo kodwa abasebenzi bezempilo bayakwazi ukubona ngezimpawu zesiguli, ukuthi silunywe yiyiphi inyoka.
Uma kuyingane engakhulumi elunywe yinyoka, uthe kunzima ukuba nesiqiniseko sokuthi ilunywe yinyoka kodwa ezinye zezimpawu ongazibona ukuthi ingane iphalaze noma ihluleke ukuphefumula kahle.