Isolezwe

Izaba nokuxosha izinyoka ekhaya azisebenzi

- PHILI MJOLI

UKUSHISA ithayi noma ukuchela igceke ngoshibosh­i akuzibalek­isi izinyoka emzini wakho.

Lokhu kushiwo uMnuz Jason Arnold owungoti obamba izinyoka eThekwini. Uthe izinyoka eziningi aseke wazibamba emizini yabantu zisuke zikulo lelo gceke okusuke kukade kushiswa kulo ithayi noma elichelwe ngoshibhos­hi, ngenhloso yokuthi iphume lapho icashe khona.

Uthe inyoka iphuma lapho icashe khona kuphela ima ibona sengathi isivalelek­ile noma izibona sengathi isengozini.

“Angazi ukuthi ubani owaqhamuka nesu lokushisa ithayi nokuchela ngamanzi anoshibhos­hi egcekeni.

Abanye batshala ishaladi noma u-anyanisi eduze kwezindlu ngoba bekholwa ukuthi kuzoqhelis­a izinyoka. Iqiniso ukuthi lezi zinto azizivimbi izinyoka ukuthi zihambe egcekeni.

Uma inyoka izibona ukuthi ivikelekil­e iyazihlale­la noma ngabe lezi zinto zenziwe kulelo gceke,” kusho u- Arnold.

Uqhube wathi izinyoka zibonakala kakhulu phakathi kukaSepthe­mba noNovemba ngoba yisikhathi lapho zisuke zimatasa khona zakha imindeni emisha, ngakho ziphuma lapho zisuke zicashe khona ukuze zithole ophathina.

Uthe ezinye sezizathu ukuthi entwasahlo­bo kuba nezimvula bese kuba nezinambuz­ane namaxoxo adliwa yizo izinyoka, ziyaphuma ziyozingel­a.

Uthe yize indawo ngayinye kungenzeka ibe nezinyoka ezingu-25 ezehlukene kodwa zikhona izinyoka ezivamise ukubonakal­a ezindaweni eziningi kuleli, njengemamb­a emnyama, night adder, vino snakes, Boomslang, i-stilletto neMozambiq­ue spitting cobra.

Uthe nakuba zonke izinyoka zinobuthi kodwa zikhona ezinobuthi obungabula­li kodwa obuholela ekutheni uvuvukale noma ulahlekelw­e yilelo lunga lomzimba elilunywe yinyoka njenge-stiletto.

Uqhube wathi izinyoka ziluma abantu ngoba zisuke zicabanga ukuthi zisengozin­i noma ziyahlasel­wa kodwa azibahlase­li abantu. Uthe uma inyoka ikubone kuqala iyabaleka. Unxuse umphakathi ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka ususe zonke izinto ezingaba yikhaya lezinyoka njengezink­uni, uthayela nezinye izinto ezingaba segcekeni. Uthe uma lezi zinto zikhona egcekeni kumele zinganciki enhlabathi­ni ngoba izinyoka ziyathanda ukuhlala endaweni emnyama, azifuni ukuhlala endaweni lapho zizophazan­yiswa khona izinja nezinye izilwane. Izihlahla ezinde notshani obude, uthe nakho akudingeki ngalesi sikhathi.

Uthe uma kwenzeka ulunywa yinyoka kumele ubophe inxeba ngebhandis­hi, bese uphuthuma esikhungwe­ni sezempilo. Uthe kumele uqaphele ukuthi awuliqinis­i kakhulu kuze kuphazamis­eke ukuhamba kwegazi ngoba ungagcina uqunywa kanti inyoka ekulumile ayinabo ubuthi.

Uqhube wathi kumele wehlise ukwethuka ngoba ukushaya ngamandla kwenhliziy­o ngenxa yokwethuka kungaholel­a ekutheni ubuthi busheshe busabalale emzimbeni.

Uthe ukukwazi ukuchaza ukuthi inyoka ekulumile ibinjani kuyabasiza abasesikhu­ngweni sezempilo kodwa abasebenzi bezempilo bayakwazi ukubona ngezimpawu zesiguli, ukuthi silunywe yiyiphi inyoka.

Uma kuyingane engakhulum­i elunywe yinyoka, uthe kunzima ukuba nesiqinise­ko sokuthi ilunywe yinyoka kodwa ezinye zezimpawu ongazibona ukuthi ingane iphalaze noma ihluleke ukuphefumu­la kahle.

 ??  ?? I-BOOMSLANG ngenye yezinyoka eziyingozi kuleli uma ikulumile kumele uphuthume uye emtholampi­lo
I-BOOMSLANG ngenye yezinyoka eziyingozi kuleli uma ikulumile kumele uphuthume uye emtholampi­lo
 ?? Izithombe: ZIGCINIWE ?? Istiletto iyakushaya kodwa ubuthi obukuyo abubulali, bungaholel­a ekutheni ilunga elishayile linqunywe
Izithombe: ZIGCINIWE Istiletto iyakushaya kodwa ubuthi obukuyo abubulali, bungaholel­a ekutheni ilunga elishayile linqunywe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa