Isolezwe

Luya enkantolo enkulu olokuxoshw­a kukaNgizwe

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMMELI kaNgizwe Mchunu okhonjwe indlela kuKhozi FM ngeledlule uthi namuhla bazofaka amaphepha eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni okuphikisa isinqumo seSABC.

“Siyalusebe­nza udaba lukaNgizwe. Silungisa amaphepha asenkantol­o, azolunga kusasa (namhlanje),” kusho ummeli uMnuz Vusi Tembe.

“Siphikisa indlela okwenzeke ngayo nezizathu abazibekil­e ngokumxosh­a. Inkantolo yiyo ezonquma,” kusho uTembe.

Uthe kuyabajabu­lisa ukubona indlela abantu abakhombis­a ukweseka ngayo uNgizwe. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a abanye bathi kumele umsakazo umbuyise.

Umholi weDA KwaZulu-Natal, uZwakele Mncwango, uthe bafuna ukwazi izizathu zokuxoshwa kukaNgizwe.

Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, uthe ngeke bazidalule izindaba zabo emphakathi­ni. Uthe bahlonipha izinkontil­eka eziyimfihl­o abazisayin­a nabasebenz­i babo nezinkampa­ni abasebenzi­sana nazo.

“Angisho ukuthi angaxoshwa uma esephuthen­i. Ukhozi luyisitesh­i somphakath­i. Kuwumsanga­no ukuthi ngeke badalule ukuthi uxoshwelen­i. Umphakathi yiwo abanikazi besiteshi,” kusho uMncwango.

Uthe angakuqond­a uma kuthiwa iSABC inqaba ukuphawula ngoba usaphenywa, yesaba ukuthi kuzophazam­iseka uphenyo.

“Ngikhuluma njengomlal­eli lapha, ayihlangen­e neqembu. Kumele sazi singumphak­athi ukuthi kwenzenjan­i bese siyahlulel­a thina. Kusishiya nemibuzo ukuthula kwabo. Isolezwe uma lingakuxos­ha aliphoqele­kile ukuthi lisichazel­e ngoba yinkampani ezimele kodwa Ukhozi yisiteshi somphakath­i. NoZuma (Jacob) ngesikhath­i exosha ongqongqos­he safuna incazelo ngoba uhulumeni.”

Uthe usazoya kofuna incazelo kubaphathi bomsakazo uma esethola ithuba.

“Angivikeli uNgizwe lapha kodwa noma ngabe ubani izizathu besizozidi­nga. Abantu abalalela Ukhozi abafani futhi abacabangi ngendlela efanayo. Bangaze bamashe ngoba abanayo incazelo. Ukuchaza kweSABC kuyobe kungesikho ukumhlamba­lazayo. Yini efihlwayo?” kusho uZwakele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa