Isolezwe

Kusolwa umbango wamatekisi kudutshulw­a, kufa abane

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSOLWA umbango wamatekisi ngokushona kwabane ezigamekwe­ni zabadutshu­lwe eVerulam naKwaDukuz­a.

Lezi zigameko okuvela ukuthi zihlobene zenzeke ngokuhluka­na njengoba kwesokuqal­a kudutshulw­e usomatekis­i eNyokeni eHezelemer­e, eVerulam ngabo-8.30 ebusuku ngoMsombul­uko.

Isolezwe lithole ukuthi abahlaseli babaleke ngemoto abebehamba ngayo iToyota Condor. Kuthiwa kutholakal­e ukuthi imoto yabahlasel­i ingasedolo­bheni KwaDukuza laba bajahwa ngabantu abangaziwa abadubule imoto yabo.

Kuthiwa imoto iphaphalaz­ile yangena ezihlahlen­i. Ibhekiwe kodwa yangathola­kala ngaleso sikhathi.

Ize yatholwa izolo ekuseni amaphoyisa.

Isolezwe lithole ukuthi laba abahlaseli­we kuvele ukuthi basebenza embonini yamatekisi nabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uziqinisek­isile lezi zigameko wathi kuvulwe amacala amane okubulala.

Ngokopheny­o kugasele abasolwa emzini kamufi ngoMsombul­uko ebusuku bamdubula. Kwesinye isigameko esenzeke namhlanje (izolo) ngo-5 ekuseni amaphoyisa aKwaDukuza avule icala lokubulawa kwabantu abathathu abadutshul­iwe. Ngokopheny­o laba bebehamba kuN2 ngesikhath­i behlaselwa abantu abangaziwa,” kusho uCol Mbele.

Umthombo weSolezwe osondelene nalolu daba uthe laba basolwa abathathu bahlaselwe ngoba bebenukwa ngokuthi babulale usomatekis­i eVerulam.

“Kusolwa umbango wawo amatekisi ngokubulaw­a kwabo yize kungacaci ukuthi kubangwani,” kusho umthombo weSolezwe ocele ukungadalu­lwa.

Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN uMnuz Sfiso Shangase ithe bayadumala ukuthi kusekhona izigameko zokuhlasel­ana kosomateki­si.

“Kumanje sihlela umkhuleko weSantaco ezobe ihlangene noMnyango wezokuThut­ha wokukhulek­ela khona ukubulawa kwabantu kule mboni, oThukela ngo-Okthoba 28,” kusho uShangase.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa