Kuboshwe imeya ngelokukhwabanisa
KUSINDA kwehlela kwiMeya kaMasipala waseNdumeni, eDundee, eboshelwe ukukhwabanisa nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho benomqaphi wayo.
UMnuz Sboniso Mbatha uboshwe woKlebe ngoMsmbuluko ebusuku kungakapheli ngisho isikhathi esingakanani efake incwadi yokwesula ngokusemthethweni njengeMeya yaseNdumeni okuyisikhundla ahlale kuso iminyaka emibili nezinyanga ezimbalwa.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe uMbatha nomunye umsolwa elisagodliwe igama lakhe bazovela namhlanje enkantolo yaseDundee.
“Umsolwa oneminyaka engu31 nomunye oneminyaka engu-38 baboshwe ngoMsombuluko ebusuku ngezinsolo zokukhwabanisa nezokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Lokhu kuyamaniswa nesigameko esenzeka ngomhla ka-22 Julayi 2018 kanti umsolwa oneminyaka engu-31 yena uzophinde abhekane nelinye icala lokukhomba ngesibhamu nelinye lokuphatha isibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu,” kusho uMhlongo.
UMbatha uthinteka esigamekweni esenzeka ebuya emcimbini wamahhashi, iDundee July.
Kuthiwa waphuza utshwala bukaR11 000 wangabukhokhela nokwathi uma esuka wangena emotweni kamasipala iFord Everest wazishayelela esikhundleni sokuba ithathwe umshayeli oqashwe umasipala.
Kuthiwa wayigingqa kodwa umbiko owalethwa emkhandlwini kwaba owokuthi imoto yayishayelwa umqaphi wakhe nokugcine kutholakala ukuthi lokho kwakungelona iqiniso.
Kusolwa ukuthi uMbatha wathi umqaphi wakhe owayeshayela le moto ngoba efuna ukuthi umkhandlu uyikhokhele ukuze ilungiswe kanti umqaphi yena ugaxele ngokuthi wavuma ukuthi athi nguyena owayeshayela ekubeni wayengekho lapho. Isolezwe lithole ukuthi ngesikhathi eboshwa uMbatha ngoMsombuluko utholwe nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.
UMbatha waba yimeya encane kunazo zonke eNingizimu Afrika ngo2016 njengoba angena kulesi sikhundla eneminyaka engu-29 ubudala.
Selokhu engenile kulesi sikhundla ukhala ngamashwa nokuboshelwa uzungu abathile njengoba phambilini ekhale ngokuthi zonke izimeya ezagcotshwa uMntwana waKwaPhindangene okuhlanganisa yena ziyahlukunyezwa.
UMbatha usule esikhundleni sokuba yimeya nesokuba yikhansela laseNdumeni ngoMsombuluko kanti kulindeleke ukuba agcine emsebenzini kuleli sonto.
Kwenzeka lokhu nje, uMbatha usahamba elinye icala lokuhlela itulo lokubulala uSomlomo uNkk Bongiwe Mbatha-Makhathini elisenkantolo yaseMnambithi kanti nakulo waboshwa woKlebe.