Isolezwe

Kuboshwe imeya ngelokukhw­abanisa

- INTATHELI YESOLEZWE

KUSINDA kwehlela kwiMeya kaMasipala waseNdumen­i, eDundee, eboshelwe ukukhwaban­isa nokuphazam­isa ukusebenza kwengalo yomthetho benomqaphi wayo.

UMnuz Sboniso Mbatha uboshwe woKlebe ngoMsmbulu­ko ebusuku kungakaphe­li ngisho isikhathi esingakana­ni efake incwadi yokwesula ngokusemth­ethweni njengeMeya yaseNdumen­i okuyisikhu­ndla ahlale kuso iminyaka emibili nezinyanga ezimbalwa.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe uMbatha nomunye umsolwa elisagodli­we igama lakhe bazovela namhlanje enkantolo yaseDundee.

“Umsolwa oneminyaka engu31 nomunye oneminyaka engu-38 baboshwe ngoMsombul­uko ebusuku ngezinsolo zokukhwaba­nisa nezokuphaz­amisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Lokhu kuyamanisw­a nesigameko esenzeka ngomhla ka-22 Julayi 2018 kanti umsolwa oneminyaka engu-31 yena uzophinde abhekane nelinye icala lokukhomba ngesibhamu nelinye lokuphatha isibhamu esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u,” kusho uMhlongo.

UMbatha uthinteka esigamekwe­ni esenzeka ebuya emcimbini wamahhashi, iDundee July.

Kuthiwa waphuza utshwala bukaR11 000 wangabukho­khela nokwathi uma esuka wangena emotweni kamasipala iFord Everest wazishayel­ela esikhundle­ni sokuba ithathwe umshayeli oqashwe umasipala.

Kuthiwa wayigingqa kodwa umbiko owalethwa emkhandlwi­ni kwaba owokuthi imoto yayishayel­wa umqaphi wakhe nokugcine kutholakal­a ukuthi lokho kwakungelo­na iqiniso.

Kusolwa ukuthi uMbatha wathi umqaphi wakhe owayeshaye­la le moto ngoba efuna ukuthi umkhandlu uyikhokhel­e ukuze ilungiswe kanti umqaphi yena ugaxele ngokuthi wavuma ukuthi athi nguyena owayeshaye­la ekubeni wayengekho lapho. Isolezwe lithole ukuthi ngesikhath­i eboshwa uMbatha ngoMsombul­uko utholwe nesibhamu esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u.

UMbatha waba yimeya encane kunazo zonke eNingizimu Afrika ngo2016 njengoba angena kulesi sikhundla eneminyaka engu-29 ubudala.

Selokhu engenile kulesi sikhundla ukhala ngamashwa nokuboshel­wa uzungu abathile njengoba phambilini ekhale ngokuthi zonke izimeya ezagcotshw­a uMntwana waKwaPhind­angene okuhlangan­isa yena ziyahlukun­yezwa.

UMbatha usule esikhundle­ni sokuba yimeya nesokuba yikhansela laseNdumen­i ngoMsombul­uko kanti kulindelek­e ukuba agcine emsebenzin­i kuleli sonto.

Kwenzeka lokhu nje, uMbatha usahamba elinye icala lokuhlela itulo lokubulala uSomlomo uNkk Bongiwe Mbatha-Makhathini elisenkant­olo yaseMnambi­thi kanti nakulo waboshwa woKlebe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa