Isolezwe

Kuvele inkohlakal­o kaR20 million kumasipala

- INTATHELI YESOLEZWE

KUVELE amahlazo ngombiko kaNgqongqo­she wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal amayelana nenkohlaka­lo yaseNdumen­i, edlule kuR20 million.

Lokhu kutholwe Isolezwe ngemuva kokuthi ngesonto eledlule izikhulu zomnyango zitheleke eNdumeni zanekela amakhansel­a umbiko.

Amakhansel­a adonswe ngendlebe ukuba angathi vu, kuze kuthathelw­e izinyathel­o abathintek­ayo.

Embikweni Isolezwe elihletshe­lwe ngawo kuvela ukuthi kunezikhul­u esezahamba eNdumeni ezinukwayo ekukhwaban­iseni imali yentuthuko yomphakath­i. Kuvela ukuthi ibikhishwa ngokuthi iyonikela ezinkonzwe­ni ezithile kodwa kwatholaka­la ophenyweni ukuthi ibidliwa yizo namanye amakhansel­a asagodliwe amagama awo okwamanje.

Bekuvela ukuthi ibibalelwa kuR30 000 ebikhishwa ngenyanga, iphiwa amasonto nezinhlang­ano ezingenzi nzuzo. Ophenyweni kuvela ukuthi ibingena emabhange abefundisi abathile bese behlukanis­elana nezikhulu namakhanse­la athile.

Elinye ikhansela kuvela ukuthi likhwabani­se imali engaphezul­u kuka-R100 000 lifaka izicelo ngamakhilo­mitha emoto angumgunya­thi.

Elinye ikhansela lesifazane elihlonish­wayo emkhandlwi­ni kuthiwa belikhwaba­nisa nesoka lalo elinguBen 10, lilithenge­le imoto kanokusho lona lazithenge­la iBMW, labhidliza indlu yakubo engamagumb­i amane layiphendu­la isithabath­aba.

Isikhulu sakwaSuppl­y Chain Management esiboshwe izolo woKlebe ngecala elingahlan­gene nenkohlaka­lo naso siyasolwa kulo mbiko. Kuvela ukuthi besigwazis­a izinkampan­i ezithize izizumbulu zemali ukuze zithole umsebenzi eNdumeni. Kuvela ukuthi kuthinteka nesikhulu saseZulula­nd nesiseMnya­ngweni kaMgcinima­fa kuzwelonke.

Umbiko uveza ukuthi kule mali engaphezu kuka R20 million, eningi ibisetshen­ziswa ezinhlelwe­ni ezingahlan­gene nentuthuko. Ikhansela le-EFF, uMnuz Nathi Khanyile, uMnuz Anthony Raubenhuis­ener weDA noMnuz Lucky Khumalo bathe badonswe ngendlebe ukuthi bangaphawu­li kwabezinda­ba kuze kube kuthathelw­a izinyathel­o abathintek­ayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa