Isolezwe

‘Bazoxoshwa abafundi abahlupha othisha’

-

Uthe lo mfundi wamxoshela ukudayisa izidakamiz­wa esikoleni wathi wakwenza lokhu ukuze avikele abanye abafundi.

Uqhube wathi abafundi kumele bazi ukuthi izikole zizolandel­a imigomo yokuqondis­a ubugwegwe, umfundi osuke onile kulandelwa imigomo ebekiwe yezikole.

“Nakulokhu ngiyajabul­a ukuthi ngithole bonke ubuqiniso. Uthisha akashaywan­ga, wawa ngemuva kokuba engene esixukwini sabafundi elamula. Ube yiqhawe ngakwenzil­e ngoba akazange ame noma abaleke izingane zilwa kodwa wangenela. Yibona buholi esibufunay­o lobu,” kusho uDlungwane.

Uthe nakuleli cala lalo mfundi isikole simchazeli­le ngokuthi umfundi ubevele enamacala.

“Ubeseze wathola isexwayiso sokugcina esibhaliwe ngezinto abezenza. Ngikholelw­a ngukuthi nithathe isinqumo esifanele ngoba bese kunoxhaxha lwamacala abekwe wona umfundi. Sengizolin­da uma kungukuthi uza kimina uzomangala uma engahambis­ani nesinqumo esizothath­wa yinhloko yomnyango ngokuxoshw­a kwakhe lo mfundi,” kusho uDlungwane.

UMnuz Bhekani Mthethwa, uthisha owawa elamula abafundi uthe umfundi akazange amshaye.

“Waze waxolisa engibona ngaphandle ukuthi ngilimele. Angimkhulu­meli umfundi kodwa akazange angishaye. Ngangena esixukwini ngilamula kanti ngizowa,” kusho uMthethwa.

UDlungwae uthe baningi nothisha asebaxoshi­le ngamacala ahlukene emnyangwen­i, akubona abafundi kuphela.

Uthe kunezinto angazange azithande ezibona kulesi sikole ngesikhath­i efika.

“Ukugcaluza kwabafundi kubhalwa ngenye yezinto engiyiboni­le ngifika. Kumele niyibheke ukuthi abanye abafundi abaphazami­seki, bangabi futhi wuvanzi uma abanye bebhala, ilungiseni le nto,” kusho uDlungwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa