‘Bazoxoshwa abafundi abahlupha othisha’
Uthe lo mfundi wamxoshela ukudayisa izidakamizwa esikoleni wathi wakwenza lokhu ukuze avikele abanye abafundi.
Uqhube wathi abafundi kumele bazi ukuthi izikole zizolandela imigomo yokuqondisa ubugwegwe, umfundi osuke onile kulandelwa imigomo ebekiwe yezikole.
“Nakulokhu ngiyajabula ukuthi ngithole bonke ubuqiniso. Uthisha akashaywanga, wawa ngemuva kokuba engene esixukwini sabafundi elamula. Ube yiqhawe ngakwenzile ngoba akazange ame noma abaleke izingane zilwa kodwa wangenela. Yibona buholi esibufunayo lobu,” kusho uDlungwane.
Uthe nakuleli cala lalo mfundi isikole simchazelile ngokuthi umfundi ubevele enamacala.
“Ubeseze wathola isexwayiso sokugcina esibhaliwe ngezinto abezenza. Ngikholelwa ngukuthi nithathe isinqumo esifanele ngoba bese kunoxhaxha lwamacala abekwe wona umfundi. Sengizolinda uma kungukuthi uza kimina uzomangala uma engahambisani nesinqumo esizothathwa yinhloko yomnyango ngokuxoshwa kwakhe lo mfundi,” kusho uDlungwane.
UMnuz Bhekani Mthethwa, uthisha owawa elamula abafundi uthe umfundi akazange amshaye.
“Waze waxolisa engibona ngaphandle ukuthi ngilimele. Angimkhulumeli umfundi kodwa akazange angishaye. Ngangena esixukwini ngilamula kanti ngizowa,” kusho uMthethwa.
UDlungwae uthe baningi nothisha asebaxoshile ngamacala ahlukene emnyangweni, akubona abafundi kuphela.
Uthe kunezinto angazange azithande ezibona kulesi sikole ngesikhathi efika.
“Ukugcaluza kwabafundi kubhalwa ngenye yezinto engiyibonile ngifika. Kumele niyibheke ukuthi abanye abafundi abaphazamiseki, bangabi futhi wuvanzi uma abanye bebhala, ilungiseni le nto,” kusho uDlungwane.