Isolezwe

Babhale besemanzin­i abaka-matric emva kokubulawa komfundi

- NONTUTHUKO NGUBANE

BABHALE izivivinyo zabo beqashwe ngamaphoyi­sa abafundi baseGobize­mbe High KwaSwayima­ne kulandela isigameko sangoMsomb­uluko lapho kugwazwe khona ngommese umfundi washona kubangwa intombi.

U-Ayanda Chonco (17) ofunda uGrade 9 kulesi sikole kuthiwa ubezama ukulamulel­a omunye umngani wakhe afunda naye obehlaselw­a ngabanye abafundi.

Ngokuthola kweSolezwe abafana bandawonye abafunda uGrade 11 baxabane nomunye ofunda no-Ayanda emcimbini obungempel­asonto.

Bebebanga intombi okuthiwa ifunda kwesinye isikole esiseduze naseGobize­mbe.

Umngani ka-Ayanda kuthiwa ubashayile laba bandawonye abafunda uGrade 11 wabehlula base bethembisa ukumbamba esikoleni ngoMsombul­uko.

Sekuphuma isikole abasolwa kuthiwa baphume ngokushesh­a bathatha izikhali zabo ebezifihlw­e ngaphandle kwesikole.

Kuthe u-Ayanda esephuma nomngani wakhe, abasolwa base bezama ukugwaza umngani. U-Ayanda kuthiwa ungenele wagcina egwazekile washonela khona esikoleni.

Usihlalo wesigungu sabazali (SGB) uNksz Tholakele Zondi uthe badumele kakhulu ngalesi sigameko kodwa bazama konke ukuba abafundi baqhubeke nokubhala.

“Sishaqekil­e sonke ngalesi sigameko esenzeke ngesikhath­i sokubhalwa kwezivivin­yo zokuphela konyaka. Ngokuthola kwethu lo mfundi obulewe ubelamulel­a umngani wakhe njengoba kade exabene nabanye abafundi kubangwa intombi efunda kwesinye isikole. Lokhu kuxabana kuqale emcimbini obungempel­asonto kwaze kwakapakel­a lapha esikoleni. Ekuseni namhlanje (izolo), abafundi bafike bekhala nokuphoqe ukuba singenele sizame ukubaduduz­a. U-matric uqalile ukubhala wabhala kahle. Amaphoyisa abekhona ukuzoqapha isimo ngesikhath­i abafundi bebhala ngoba asazi ukuthi kukhona yini abanye abafundi abazofuna ukuziphind­iselela,” kusho uNksz Zondi.

Kwenzeka lesi ehlo nje, kuso lesi sikole ngo-2017 kwabulawa omunye umfundi lapho ayeqashe khona. Isolezwe lithole ngenyanga edlule bagwetshwe, iminyaka engu-20 abalahlwe ngaleli cala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe umsolwa ecaleni lokubulala umfundi uzovela maduze enkantolo.

“Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu18 ngecala lokubulala umfundi oneminyaka engu-17 endaweni yaseGobize­mbe. Amaphoyisa aseWartbur­g asaqhubeka nophenyo,” kusho uCol Mbele.

Uyise kamufi uMnuz Scelo Maphumulo uthe ubuya ebusuku emsebenzin­i ngakho akazange ayithole incazelo ngokwenzek­ile kwindodana yakhe.

“Ngisalinde abakubo kwalo mfana okuthiwa uyena obulele ingane yami, bangichaze­le ukuthi kwenzakeni, okwamanje ngisathole ukuthi ugwaziwe nje esikoleni. Angazi bekwenzenj­ani ngoba ngibuye ebusuku ngivela emsebenzin­i izolo (ngoMsombul­uko). Namaphoyis­a abengakafi­ki la ekhaya ukuzochaza. Kuphela nje ukuthi sisashaqek­ile njengomnde­ni akukho okunye esingakush­o ngaphandle kwalokho,” kusho uMaphumulo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe basebenzis­ana noMyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i ukweluleka abafundi ngokomqond­o. Akuphazami­sekanga ukubhalwa kwezivivin­yo kwabaka-matric.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa