Isolezwe

Babulawe bebhacile ababili

- NONTUTHUKO NGUBANE

BATHELWE othulini ngamaphoyi­sa ababili abebesolwa ngokubulal­a ngesihluku onogada eGoli.

OMnuz Lindokuhle Cebekhulu (24) noMbuyisel­o Mthonti (26) badutshulw­e izolo ezintatha eClermont, eThekwini.

Laba basolwa kushone elayizolo izithombe zabo sezigcwele ezinkundle­ni zokuxhuman­a, bebonakala begcwele igazi, komunye kuvela nezintambo okhalweni.

Komunye kuvele ne-tatoo esesandlen­i ebivela ngesikhath­i abasolwa behlasela onogada eGoli ngesonto elidlule.

Laba abashonile kuvele ukuthi ngabaseNka­ndla.

Isolezwe lithole ukuthi emuva kwesigamek­o sokubulawa konogada ababili amaphoyisa aya eNkandla ethungatha abasolwa kodwa angabathol­a njengoba beze babulawa eClermont izolo.

Okhulumela amaphoyisa kuleli, uBrigadier Vishnu Naidoo uthe uphiko lwamaphoyi­sa oluphenya amacala ahleliwe eGoli, luhambisan­a namanye amaphoyisa nenkampani yonogada bathole ulwazi ngokuthi bacashephi abasolwa.

“Amaphoyisa adubule abesilisa ababili abebefunwa ngamacala okubulala onogada ababili eGoli ngeledlule.

Amaphoyisa athole ulwazi ngokuthi laba bacashe emjondolo yaseClermo­nt. UCebekhulu noMthonti banqabile ukuboshwa, babe sebedutshu­lwa. Alikho iphoyisa elilimele kulesi sigameko,” kusho uNaidoo.

Onogada ababili babulawe ngo-Okthoba 10 ngesikhath­i behlezi emotweni yomsebenzi, kwathathwa izibhamu zabo.

Konke lokhu kuhlaselwa kwabo kwaqoshwa kwivideo ebekwa ngaphakath­i ezimotweni zonogada.

Kule video kwakubonak­ala abasolwa bebulala labo nogada maqede bagudluza kabuhlungu izidumbu zabo, befuna izibhamu.

Omunye wabasolwa kwakubonak­ala i-tatoo yakhe esandleni.

UNaidoo uthe lapho kubulawe khona abasolwa kutholwe isibhamu esizoya kohlolwa.

Imizamo yeSolezwe yokuthola imindeni yababulewe ayizange iphumelele izolo, izinamba zabo azitholaka­langa.

Abantu abahlukene bebebhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngalesi sigameko, abaningi bezwakalis­a ukuncoma umsebenzi wamaphoyis­a ngokubulaw­a kwabasolwa, abanye bekhala ngokuthi ngabe kungcono ukuba baboshiwe ukuze bezophendu­la ngabasolwa ngakho.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa