Isolezwe

Iphini lemeya liphikela indodana yalo kwelokubul­ala owe-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

IPHINI leMeya kuMasipala waseMgungu­ndlovu uNkk Thandiwe “Fucwana” Zungu liyayiphik­ela indodana yalo nalaba eboshwe nabo kubalwa nekhansela ukuthi ibona ababulala isishoshov­u se-ANC eMoses Mabhida, uMnuz Msawakhe “Qashana” Mchunu.

Engxoxweni neSolezwe izolo ngemuva kokuthi iNkantolo yesiFunda yaseMgungu­ndlovu ihlehlisel­e inamhlanje isicelo sebheyili sendodana yakhe uMnuz Gift Zungu, uNkk Zungu uthe bona njengomnde­ni abangabazi ukuthi akusiyo indodana yakhe nalabo eboshwe nabo ababulala uMchunu.

“Ukuhlala kwabo ejele noma kubuhlungu kodwa ekugcineni kuyovela ukuthi ngubani owabulala uQashana, siyafisa ukuthi uQashana njengesish­oshovu anyakazise amathambo akhe aveze ukuthi ngubani owambulala ngempela,” kusho uNkk Zuma.

Okhulumela umndeni kaMchunu, uMnuz Phumlani Zuma ongumshana kamufi, izolo unqabile ukukhuluma neSolezwe wathi bacela ukungaphaw­uli okwamanje.

Abanye abasolwa ababoshwe nendodaba kaNkk Zungu, nguMnuz Nkosinathi Gambu ikhansela lakuward 10 kwaPata lapho kwakuhlala khona uMchunu, Mnuz Skhanyiso Zimu, Mnuz Sifiso Mbhele, Mnuz Mlungisi Zimu noMnuz Ayanda Ngubane.

Izolo bekulindel­eke ukuthi kuqale ukulalelwa kwesicelo sebheyili sabasolwa kodwa kwahlehlis­elwa inamhlanje ngemuva kokuxoxisa­na kwabameli nombuso.

Isikhulu ophikweni lwezokushu­shisa esikhulume nabezindab­a kodwa sacela ukungadalu­lwa sithe isizathu esidale ukuthi isicelo sebheyili singaqhube­ki izolo ukuthi iMantshi ebisingeth­e leli cala phambilini uMnuz Ashin Singh ifake isimangalo esithi incwadi ebigunyaza ukuthi iphucwe icala ibingekho emthethwen­i. USingh wahoxa kuleli cala ngemuva kokusolwa ngokuthi ucheme nethimba labameli kulandela ukubonakal­a ekhuluma nalo ephaseji elithile khona enkantolo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa