Kuzoqiniswa izifociya kuhulumeni: izazi
IZAZI zomnotho zithi uNgqongqoshe weziMali, uMnuz Tito Mboweni uzogxila ekunciphiseni izindleko zikahulumeni nokuqinisekisa ukuthi kuboshwa izifociya, uma esethula isabelozimali saphakathi nonyaka.
Namhlanje ngo-2 ntambama amehlo abantu baseNingizimu Afrika azobe ethe njo kuMboweni okulindeleke ukuthi ahlahle indlela ezoqinisekisa ukuthi izwe alingeni kwinzikamnotho.
Zonke izinhlangano eziklelisa amazwe ngokomnotho zibeke iNingizimu Afrika esigabeni sokulengela kwinzikamnotho kodwa iMoody’s kuphela ethe isimo sizoba ngcono uma uhulumeni elwa nezikweletu.
UNkk Mamello Matikinca oyisazi somnotho sakwaFNB, uthe uMboweni ubhekene nesimo esinzima ngoba umnotho waakuleli awukhuli kahle, izinkampani zikahulumeni aziyingenisi imali futhi abantu bathwele kanzima ngokunyuswa kwentela yezimpahla nekhokhwa uma uthela uphethroli. “Sikholwa ukuthi isabelozimali samaphakathi nonyaka ngeke sibe nokusha kodwa sizobheka ukuthi yimiphi iminyango engenzi kahle ezoncishiselwa imali,” kusho uNkk Matikinca.
Isazi somnotho nezomthetho, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe abantu abangalindeli izinguquko ezinqala kwazise isabelozimali samaphakathi nonyaka kudala senziwa futhi uMboweni usanda kungena. “Ngilindele ukuthi uMboweni aqinise izifociya kuhulumeni, aqinisekise ukuthi azandi izindleko zikahulumeni ngoba iMoody’s okuyiyona yodwa engakasifaki kwinzikamnotho ilinde ukubona isabelozimali sikaMboweni. IMoody’s yasixwayisa ngokuthi uma singanciphisi izindleko zikahulumeni sizoba senkingeni,” kusho uDumisa.
Uthe iNingizimu Afrika akufanele iphile ukudlula amandla ayo ngoba lokhu kwenza yandelwe yizikweletu. Uphethe ngokuthi akamboni uMboweni elalela abantu abathanda udumo ikakhulukazi labo abafuna uhulumeni amemezele izinto ezizobeka izwe engcupheni ngoba befuna ukuthandwa.
“Kuzoboshwa izifociya, kuncishiswe imali eminyangweni emoshayo ngoba umnotho awukhuli ngendlela eyamukelekile.”