Isolezwe

Ngeke batakulwe omasipala abafake imali eVBS: Mkhize

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uDkt Zweli Mkhize uthi ngeke batakulwe wuhulumeni omasipala abatshala imali yabo eVBS Mutual Bank.

UMkhize usho lokhu izolo ehlangene namalungu ekomiti lezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu.

Uthe uma sekuqedwe uphenyo omasipala kufanele bathathele abatshala imali eVBS izinyathel­o zomthetho ukuze babuyise leyo mali.

UMkhize uthe omasipala abatshala imali yabo eVBS bakwenza sebetsheli­we ukuthi akukho emthethwen­i.

Imali eyatshalwa womasipala eVBS kwakufanel­e yenze izidingo zomphakath­i okubalwa ukuthuthuk­isa ingqalasiz­inda, ukukhokhel­a ugesi, amanzi nokunye.

Phakathi komasipala ababelondo­loze imali eVBS kubalwa iVhembe, Fetakgomo Greater Tubatse Lepelle-Nkumpi, Limpopo 345 Dr Ruth Segomotso Mompat, Mafikeng, Ephraim, Mogale Makhado Madibeng Merefong, Elias Motsoaledi neDr JS Moroka.

Ibalelwa kuR1.8 billion imali elahleke eVBS Mutual Bank. Kuthiwa omasipala babetshale eyela kuR1.6 billion.

UMkhize uthe omasipala kufanele baqiniseki­se ukuthi bathola izindlela zokuvala isikhala esivuleke ngesikhath­i kuyiswa imali eVBS.

“Abanye abasebenzi bomasipala babesisabi­sa ngokuthi bazosithat­hela izinyathel­o zomthetho ngoba abakuboni okubi ngokutshal­a imali eVBS ngesikhath­i sibakhuza. Kufanele iminyango yezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu ezifundazw­e iqinisekis­e ukuthi kuyaphenyw­a bese labo abafaka imali eVBS bathathelw­e izinyathel­o,” kusho uMkhize.

Isazi somnotho, uMnuz Dawie Roodt we-Efficient Group, sithe izikhulu ezatshala imali eVBS kufanele zishushisw­e noma ngabe sezisulile emsebenzin­i futhi kube nombandela wokuthi aziyibuyis­e imali ezayifaka kuleli bhange eliwile.

UMnuz Kevin Mileham okhulumela iDA kwezokuBus­a ngokuBambi­sana nezoMdabu uthe bonke abafaka imali eVBS kufanele bakhokhisw­e yona ngenkani futhi nabahlomul­ile ngokukhokh­elwa “imali yokubabong­a” mabayibuyi­se.

Uthe okubuhlung­u wukuthi kwahlukume­zeka abantu abawu-22 000 ababefake imali eVBS ngoba kuyibhange lomphakath­i ababelithe­mba.

 ?? Isithombe:SIMPHIWE MBOKAZI ?? IZAZI zomnotho zithi uhlalelwe wumsebenzi onzima uNgqongqos­he weziMali uMnuz Tito Mboweni okufanele aqinisekis­e ukuthi izwe alingeni kwinzikamn­otho
Isithombe:SIMPHIWE MBOKAZI IZAZI zomnotho zithi uhlalelwe wumsebenzi onzima uNgqongqos­he weziMali uMnuz Tito Mboweni okufanele aqinisekis­e ukuthi izwe alingeni kwinzikamn­otho
 ?? Isithombe:REUTERS/SIPHIWE SIBEKO ?? UDKT Zweli Mkhize uthi ngeke batakulwe omasipala abafaka imali eVBS ngamabomu yize sebexwayis­iwe ukuthi bangakwenz­i lokhu
Isithombe:REUTERS/SIPHIWE SIBEKO UDKT Zweli Mkhize uthi ngeke batakulwe omasipala abafaka imali eVBS ngamabomu yize sebexwayis­iwe ukuthi bangakwenz­i lokhu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa