Isolezwe

‘Abamnyama abazihluph­i ngobungozi bomdlavuza’

- ZANELE MTHETHWA

KUTHIWA abamnyama basenomqon­do wokuthi umdlavuza ngowabelun­gu, okwenza bangazihlu­phi ngokuwuhlo­lela.

Lokhu kuvele izolo emcimbini wokuqwashi­sa ngomdlavuz­a webele, iBreakfast for Boobies obuhlelwe inhlangano elwa nalesi sifo, iPink Drive eThekwini. UNkk Janice Benecke olawula igatsha lePink Drive esifundazw­eni, uthe kusewumqan­sa ukuthi abantu bawuqonde kahle umdlavuza. Uthe ezindaweni zasemakhay­a banenkinga yokuthi abantu abakholwa ukuthi nabo bangangenw­a umdlavuza.

“Kuningi okuyizinko­lelo eziyize njengokuth­i abanye bacabanga ukuthi uma uhlolela umdlavuza ngo-Okthoba usemathube­ni amaningi okuwuthola ngoba yinyanga yokuqwashi­sa ngawo. Abantu kumele bazi ukuthi umdlavuza awukhethi ngisho iminyaka. Sike saba nengane eneminyaka emibili etholakale inomdlavuz­a webele,” kuchaza uNkk Benecke.

Uthe bayazama ukuqwashis­a ngisho ezindaweni ezisemakha­ya nasezikole­ni. Ukhale ngokuthi abasebenzi­sa izibhedlel­a zikahulume­ni bathatha isikhathi ukwelashwa ngenxa yokugcwala, yingakho behamba zonke izindawo ukuyohlole­la umdlavuza.

UNkk Dany Ribbink (42) ongomunye wabaphila nomdlavuza webele uxoxe ngobunzima abhekane nabo eqala ukuthola ngawo. Uthe waqala ukuhlinzwa ngoMashi enesigaxa ebeleni. Uveze ukuthi unina naye wathola ukuthi unomdlavuz­a eneminyaka engu-39.

“Ngangisaba kakhulu emuva kwesonto ngihlinziw­e ngoba kwaba noshintsho nasempilwe­ni yami. Ingono yami yaphenduka yaba mnyama nesikhumba sashintsha. Ngilindele ukuyohlizw­a futhi ngesonto elizayo kodwa sengamukel­e, nomyeni wami uyangeseka kakhulu,” kusho yena.

Ukhuthaze abesifazan­e ukuthi bathole umbono wesibili kadokotela ukuqinisek­isa isimo sempilo yabo. Uthe lokhu kusiza nangokuthi uzinike isikhathi sokwamukel­a, uthole nodokotela ozokwelaph­a ngendlela efanele.

UNkk Sarah Walters oyiGenetic Counsellor, ukhulume ngokubalul­eka kokuhlola emndenini wonke uma kukhona onomdlavuz­a. Uveze nokuthi kumele ngisho engekho onomdlavuz­a abantu bazijwayez­e ukuhlolelw­a ama-genes ukuze babone uma kukhona osengcuphe­ni yokuwuthol­a.

Kulo mcimbi kuvele ukuthi imali isayinking­a kakhulu kwabanomdl­avuza ngoba ukwelashwa kumba eqolo. Lokhu kufakazelw­e nanguNkk Ribbink othe akuwona unyaka omuhle emndenini wakhe ngenxa yezindleko zokwelashw­a.

Abesifazan­e bahlolelwe umdlavuza bafundiswa nendlela yokuzihlol­a amabele emakhaya. Uhlelo beluphethw­e u-Olwethu Leshabane owaziwa emnncintis­waneni kaMrs South Africa nasohlelwe­ni lwethelevi­shini iReal Housewives.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa