Isolezwe

I-Eskom ifake isicelo sokunyusa ugesi

- BONISWA MOHALE

USAZOSINDA umthwalo emahlombe abantu baseNingiz­imu Afrika njengoba inkampani ephehla ugesi i-Eskom ifake isicelo sokuthi ivunyelwe ukuwunyusa ngo-15% kule minyaka emithathu ezayo.

NgoLwesihl­anu, i-Eskom ifake isicelo sokuthi inyuse ugesi ngo-15% kusuka ngo2020 kuze kube wu-2022.

Ifake lesi sicelo emuva kokuthi iNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) iyivumele ukuthi inyuse ugesi ngo-4.1% ngonyaka ozayo ukuze ibuyise uR31.1 billion ewudingayo.

UMnuz Ted Blom oyisazi sezindaba zikagesi, uthe abantu baseNingiz­imu Afrika basazothwa­la kanzima ngoba uma i-Eskom inyusa ugesi ngo-15% kusho ukuthi imali ekhokhwa ngabantu abathenga ugesi kule nkampani njengomasi­pala nezinye izinkampan­i ezinkulu yibona abakhokha lo 15%.

“Abantu kusho ukuthi bazokhokha u-17% noma u-20% ngoba u-15% ngowezinka­mpani eziwutheng­a ngqo ugesi e-Eskom. Kusazoba nzima kubantu ngoba i-Eskom isitshele ukuthi inamandla okunyusa ugesi ngo-90%. Kubuhlungu lokhu ngoba imali ibingaphet­hwe kahle kule nkampani,” kusho uBlom.

Uthe i-Eskom isanda kuveza ukuthi impahla enayo ibiza uR1.4 trillion isuka kuR800 billion kodwa umphakathi awukaze unikwe ithuba lokuhlola ukuthi ngempela kuyiqiniso lokhu.

“I-Eskom ayikwazi ukulokhu inyusa ugesi ibe ihluleka wukulungis­a isimo sayo sezimali. Sibona sengathi isasetshen­ziswa ngabathile abafuna ukufeza izinhloso zabo. Ukungenzi kahle kwe-Eskom kufanele sikhumbule ukuthi kusho ukungenzi kahle komnotho wethu. Ngiyasola izowa kungakafik­i u-2022,” kusho uBlom.

Kulindelek­e ukuthi iNersa imemezele maduze ukuthi izosamukel­a isicelo se-Eskom noma izosichith­a na. Abafuna ulwazi ngodaba lokunyuka kukagesi bangavakas­hela iwebsite yeNersa ethi www.nersa.org.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa