Sitholwe sesonakele isidumbu somfundi ka-matric obenyamalele
ASHABALELE amathemba emndenini womfundi ka-matric waseNquthu obethembise ukuphasa kahle aye enyuvesi ngonyaka ozayo, isidumbu sakhe esitholwe sesonakele.
Usadukuza ebumnyameni umndeni kaMthobisi Mlambo (25) obefunda u-matric eKlwana Secondary eNkandla, owanyamalala ngo-Okthoba 1 evakashele abangani emqashweni. Isolezwe lishicilele udaba lokunyamalala kwalo mfundi ngoLwesine olwedlule. Isidumbu sakhe sihlonzwe umndeni izolo emakhazeni aseDundee emuva kokuba sitholakale ngasesikoleni ngoMsombuluko.
Ubabekazi kamufi uNksz Nozipho Mlambo, uthe okubaxakayo ukuthi ngoMgqibelo wathola umbiko endodakazini yakhe ebifunda nomufi.
“Ingane yami yangitshela ukuthi izwe ngenye intombazane efunda khona esikoleni, yathi ishayelwe ucingo nguyena uMthobisi esho ukuthi akadukile futhi ulubonile udaba ephepheni. Kuthe uma sishayela leyo nombolo okuthiwa ubefone ngayo, yangena kumuntu waseLimpopo. Kumanje leyo nombolo siyinikeze amaphoyisa ukuze aphenye,” echaza.
UNksz Mlambo uthe isidumbu salo mfundi sitholakale phakathi kwemizi sinezimpawu zokushaywa ngoba kukhona nenxeba elikhulu ekhanda. Usola nokuthi besihudulwa ngoba kunomaka abakhombisa lokho lapho kutholakale khona isidumbu.
“Sishayelwe ucingo nguthishanhloko ngoMsombuluko esitshela ukuthi kutholakele isidumbu. Uyise uqinisekise ukuthi nguyena uMthobisi ngoba ubone izimpahla abezigqokile kodwa isidumbu bese sonakele,” echaza.
Uthe abanaso isiqiniseko ngokubulawa kukamufi kodwa bezwe kuthiwa uke waxabana nabafana abathize esikoleni. Ngosuku anyamalala ngalo kuthiwa wayevakashele abangani emqashweni, abathi waphuma eya ethoyilethi wangabe esabuya. Umndeni kamufi ukhathazekile ngoba kuthiwa ubezimisele ukuya enyuvesi ngonyaka ozayo. Kuthiwa u-matric wawuqeda ngo-2013 wangawuphasa kahle, wanquma ukubuyela esikoleni ngonyaka odlule ukuze anyuse amaphoyinti okuphasa. Ngonyaka odlule uqale kwaGrade 11 eKlwana Secondary wahlala emqashweni ngoba isikole sikude nasekhaya. Ushona nje ubelungiselela ukuqala ukubhala njengabo bonke abafundi baka-matric abaqale izolo kuzwelonke. Kuthiwa ubekujahile ukubhala nothisha bencoma indlela enza kahle ngayo ezifundweni. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Nqobile Gwala uthe icala liyaphenywa ngamaphoyisa asesiteshini eBabanango.