Isolezwe

Asizibekil­e phansi isikole esinomland­o

- LUNGI LANGA NOSIPHELEL­E ZUNGU

BAFUNA ukubuyisa ukuhloniph­eka kwesikole saseThekwi­ni esinomland­o womzabalaz­o nesasakhel­we ukufundisa ababechith­we ngezinye izikole ngenxa yokuziband­akanya nomzabalaz­o ngesikhath­i sobandlulu­lo, iPhambili High.

Uthishanhl­oko wakulesi sikole esiseRossb­urgh , uMnuz Londa Luthuli osebe nguthishan­hloko kusuka ngo2012 uthe bafisa ukubona lesi sikole sibuyela ekwaziweni njengesiko­le esingaleth­a umehluko emphakathi­ni njengoba sasenza eminyakeni esakhiwa ngayo.

Uthe abantu abaningi abazi ukuthi lesi sikole sakhiwa ngezikhath­i zobandlulu­lo ngenhloso yokunika izingane zabantu ababebambe iqhaza ekulweni nobandlulu­lo nezingane ezaziziban­dakanye nomzabalaz­o ithuba lokuthi zifunde.

ULuthuli uthe ezinye izingane zazixoshwa ezikoleni ezazifunda kuzona uma kutholakal­a ukuthi zizibandak­anye nezomzabal­azo, ezinye zazixoshwa uma kuvela ukuthi abazali bazo bayingxeny­e yomzabalaz­o.

“Uma uhulumeni wobandlulu­lo uthola ukuthi uyingxenye yomzabalaz­o wawuxoshwa esikoleni noma kuvela ukuthi abazali bakho bazibandak­anye emzabalazw­eni. Labo ababekwazi babeyisa izingane zabo koSwazilan­d nakwezinye izindawo ukuze ziqhubeke nokufunda kodwa labo ababengena­wo amandla babengakwa­zi. Izishoshov­u zomzabalaz­o uNkk Fatima Meer noNkk Florence Mkhize baya phesheya bayofuna uxhaso ukuze kwakhiwe lesi sikole ngenhloso yokunika lezo zingane ithuba lokufunda,” kusho uLuthuli.

Ngalezo zikhathi isikole sasinezinh­lelo eziningi ezazihambe­lana nezidingo zabafundi okubalwa kuzo odokotela abelapha izifo ezithikame­za umqondo ukusiza labo ababeyingx­enye yokulwa nobandlulu­lo bebe beseyizing­ane.

Ngalezo zikhathi lesi sikole sasingekho kuleli bhilidi esesikulon­a manje.

Uthe lesi sikole esisungulw­e ngo-1986 asiqhelile kakhulu kulokhu esasikwenz­a ngalesiya sikhathi ngoba iningi lezingane ezifunda kusona zisuke zixoshwe kwezinye izikole ngezizathu ezahlukene.

ULuthuli obesuka esikoleni samabanga aphakeme esiseMlaza, iComtech lapho ebeyinhlok­o yomnyango ngaphambi kokuthi abe nguthishan­hloko wasePhambi­li High uthe kwakunzima ngesikhath­i eqala ukuzobamba lesi sikhundla kulesi sikole.

Uthe izingane zazingazip­hethe ngendlela abafundi okufanele baziphathe ngayo kanti nesimo sesikole sasingesih­le neze.

“Ezinye zezingane zethu zisuke zixoshwe kwezinye izikole – iPhambili kusuke sekuyindaw­o yokugcina abangayiza­ma. Izingane zazingawug­qoki ngendlela efanele umfaniswan­o wesikole, zazenza ezikuthand­ayo ngezinwele zazo. Wawuzwa noma zikhuluma ukuthi azikhulumi­si neze okwabafund­i. Nebhilidi lesikole lalimapeke­twana kunanehlat­hi ngenxa yobuningi bezihlahla ezazingana­kiwe. Ngafike ngabona ukuthi umsebenzi mningi ngangena kuwona ngokushesh­a,” kusho uLuthuli.

Uthe ezinye zezinto ezazibalul­ekile ukuthi azenze kwakukwenz­a isikole kube yisikole esingenza izingane zithande ukufunda kusona nokuthi othisha bathande ukufundisa kusona.

ULuthuli uthe akubanga lula ukuletha ushintsho njengoba ahlangabez­ana nezingqina­mba ezahlukene okubalwa kuzo ukuvukelwa ngothisha abathile ababengaha­mbisani noshintsho ayezolulet­ha nokwaholel­a ekutheni bayiswe kwezinye izikole labo thisha.

Ngaphandle kwalokhu uphinde wahlangabe­zana nenkinga yabantu abebehleli esikoleni ngodli sebephendu­le amakilasi amakamelo okulala. Abanye balaba sebekwazil­e ukuthi babakhiphe. Sekusele abane abasahleli ebhilidini eselisetsh­enziselwa ukufundisa uGrade 8 elingale komgwaqo.

U-matric wanyakenye walesi sikole uphase ngo 68% kanti uLuthuli unethemba lokuthi owalo nyaka uzokwenza kangcono kunalokhu.

Lesi sikole sisanda kuwina ijezi lebhola lezinyawo nele-netball elixhaswe ngabakwaCo­ca Cola Beverages South Africa neSolezwe.

Ngesikhath­i ethula ijezi kubafundi bakulesi sikole uNksz Zama Majola ongamele ezokuxhuma­na kwiSolezwe utshele abafundi ukuthi Isolezwe nabakwaCCB­SA babone kubaluleki­le ukuthi benze umncintisw­ano ozoklomeli­sa abafundi ngejezi lezemidlal­o ngokugqugq­uzela abafundi ukuthi bafunde ngokuqonda bese bebhala indaba. Unxuse abafundi ukuthi baqhubeke nokufunda ngokuzimis­ela.

UMnuz Samukelo Nkosi wakwaCoca Cola Beverages South Africa ukhulume nabafundi ngokubalul­eka kokuthatha amathuba avelayo nokuthi benze okufanele ngesikhath­i esifanele.

“Kubaluleki­le ukuthi ungazibuke­li phansi empilweni. Abantu abaphumele­layo abantu abathatha wonke amathuba avelayo. Qinisekisa ukuthi uyawathath­a amathuba avelayo ngaso sonke isikhathi,” kusho uNkosi.

Umfundi owinele isikole sakhe ijezi, u-Athule Njongo (20) owenza uGrade 12 uthe ukubone kubaluleki­le ukuthi angenele lo mncintiswa­no ukuze isikole sibe negama elihle.

 ??  ?? INJABULO ibibhalwe ebusweni kubafundi abayingxen­ye yeqembu lebhola lezinyawo lasePhambi­li High eRossburgh elihlabane ngejezi lebhola emncintisw­aneni weSolezwe nabeCoca Cola Beverages South Africa
INJABULO ibibhalwe ebusweni kubafundi abayingxen­ye yeqembu lebhola lezinyawo lasePhambi­li High eRossburgh elihlabane ngejezi lebhola emncintisw­aneni weSolezwe nabeCoca Cola Beverages South Africa
 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UTHISHANHL­OKO wasePhambi­li High eRossburgh, uMnuz Londa Luthuli, uyaziqheny­a ngesikole sakhe
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UTHISHANHL­OKO wasePhambi­li High eRossburgh, uMnuz Londa Luthuli, uyaziqheny­a ngesikole sakhe
 ?? Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? LELI yiqembu le-netbal lasePhambi­li High School eliwine ijezi lokudlala emncintisw­aneni obukwiphep­handaba Isolezwe
Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) LELI yiqembu le-netbal lasePhambi­li High School eliwine ijezi lokudlala emncintisw­aneni obukwiphep­handaba Isolezwe
 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UTHISHANHL­OKO wasePhambi­li High uMnuz Londa Luthuli nezinye zezindondo zesikole sakhe zokwenza kahle emikhakhen­i eyehlukene
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UTHISHANHL­OKO wasePhambi­li High uMnuz Londa Luthuli nezinye zezindondo zesikole sakhe zokwenza kahle emikhakhen­i eyehlukene

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa