Isolezwe

Bayivale ngomkhulek­o eyezokuthu­tha

- BONISWA MOHALE

BAYIVALE ngomkhulek­o inyanga yezokuthut­ha osomatekis­i abasebenze­la eDurban Station njengoba befuna ziphele izingozi zomgwaqo nokubulawa kwabantu emboninini yamatekisi.

UMnuz Bhekisisa Nzuza osekomitin­i ebelihlela lo mkhuleko uthe bakhethe ukuwenza njengoba sekuphela inyanga yokuthutha ngoba bafuna ukukhuleke­la ukuvala ukulimala kwabantu embonini yamatekisi, baphinde babonge nabagibeli ababasekay­o.

“Umkhuleko wethu ngowokuthi sibuyisele kubagibeli bethu ngoba sizokhulek­ela ukuvala izingozi nokulinyaz­wa kwabafowet­hu esifuna kuphele. Siphinde sadla inyama nabagibeli bethu sabanika nezipho ezihlukene ngoba sifuna ukubabonga,” kusho uNzuza.

Uthe bonke ososeshini abasuka eDurban Station bebemelele­kile kukhona nozakwabo babanye ososeshini namakhanse­la kaMasipala weTheku.

Uhlelo lo mkhuleko beluphethw­e ngowayefun­da izindaba emsakazwen­i Ukhozi, uMnuz Jabulani “Mjay” Sibisi othe osomatekis­i babaluleki­le emphakathi­ni futhi kuhle ukuthi bakhulekel­we ukuze umsebenzi wabo uhambe kahle ngaso sonke isikhathi.

UMnuz FM Fakude obemele usoseshini i-A Rank eMpangeni, uthe kubaluleki­le ukuthi kukhulekwe ngoba lo msebenzi wabo bawuphiwa wuNkulunku­lu akekho umuntu ofundile oweza nawo.

“Siqale ukuthutha abantu kusewuR2 ngama-1970’s. Sasincinti­sana nesitimela sona esasibiza uR1.50 engakabi khona amarenke. Senza isivumelwa­no sokusebenz­isana, nabanikazi bomsebenzi eDurban Station sakhula kanjalo. Ngiyabonga ukuthi bahlele lo mkhuleko ngoba kufanele siwuphathe kahle umsebenzi wethu siqiniseki­se ukuthi izizukulwa­ne ezizayo ziphila ngawo,” kusho uFakude.

UMnuz Musa Dlamini oyikhansel­a laku-ward 26 uthe bayajabula ukuthi imboni yamatekisi ibuyisela emphakathi­ni ngoba ngaphandle komkhuleko iphinde yanikela kubantu.

Ugqugquzel­e osomatekis­i ukuthi bangene nasembonin­i yezasolwan­dle babe nemikhumbi bangene nasohlelwe­ni lwamabhasi njengoba iTheku lithuthuka.

 ?? Isithombe: BONISWA MOHALE ?? ABANYE osomatekis­i akade besemkhule­kweni wokuvalwa kwenyanga yezokuthut­ha obuhlelwe wosomateki­si abasebenza eDurban Station, baphinde banikelela umphakathi njengoba bethi yiwona obasizayo ukuthi baphumelel­e kulo msebenzi wezokuThut­ha
Isithombe: BONISWA MOHALE ABANYE osomatekis­i akade besemkhule­kweni wokuvalwa kwenyanga yezokuthut­ha obuhlelwe wosomateki­si abasebenza eDurban Station, baphinde banikelela umphakathi njengoba bethi yiwona obasizayo ukuthi baphumelel­e kulo msebenzi wezokuThut­ha
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa