Isolezwe

Kugxekwa abaqashi ababulala abasebenzi

- INTATHELI YESOLEZWE

IZINKANTOL­O kumele zenze okwengeziw­e ukuvikela abasebenzi kubaqashi abakhohlak­ele ababulala abasebenzi.

Lokhu kushiwo yiCosatu ngemuva kokuvakash­ela imindeni yabasebenz­i ababili okuthiwa bashiswa umqashi ngophethro­li bashona, ebasola ngokweba u-gearbox.

Isitatimen­de esithunyel­we yiCosatu kwabezinda­ba sithi ngemuva kwemibiko yokuthi abasebenzi ababili bashiswa ngophethro­li bashona.

“Abanye abaqashi bayababula­la abasebenzi, bangajezis­wa ngezenzo zabo ezikhombis­a ubulwane kodwa abasebenzi abenze amacala amancane kubaqashi bayaboshwa bagwetshwe ngalawo macala.”

Siqhuba sithi kunabasebe­nzi abaphoqwa abaqashi ukuthi basebenze emagcekeni emizi yabo bebe bengaqashe­lwe lokho, kuthi uma bekhala ngalokho babukwe njengabant­u abangaqond­i ukuthi kuleli kunenkinga yemisebenz­i.

Lesi sitatimend­e siqhuba sithi abanye osomabhizi­nisi abancane abawuqondi umthetho olawula abasebenzi iLabour Relations Act. Ithe noMnyango wezaBasebe­nzi nawo awubanakil­e abasebenzi abasebenza ezinkampan­ini ezincane.

ICosatu ithi imindeni yabafi iswele ayinayo imali yokungcwab­a ngakolunye uhlangothi iyazi ukuthi abaqashi bazoqasha abameli abasezinge­ni eliphezulu. “Yize kunjalo sinxusa iziphathim­andla ukuthi zibhekelel­e impilo yabampofu kuqala,” sisho kanje.

Lo mfelandawo­nye wezinyunya­na uthi usazoqhube­ka nemikhanka­so ekhuthaza ukuthi kube nokuphepha ezindaweni zokusebenz­a, izindawo zokusebenz­a zingaphend­uki izindawo zokubulala abasebenzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa