Isolezwe

Akuyona into embi ukufeyila uma usungula ibhizinisi

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

IMIYALEZO eqhamuka ezinhlaken­i zikahulume­ni, osopolitik­i nosolwazi bezomnotho igcizelela ukubalulek­a kwamabhizi­nisi amancane ukuthuthuk­isa umnotho.

Uhlelo lomnotho lukahulume­ni iNational Developmen­t Plan (NDP) lunombono wokuthi ngonyaka ka-2030 imisebenzi eminingi iyovela kuwona amabhizini­si amancane.

Yize abanye bethi lolu hlelo luyagagame­la ukulindela u-90% wemisebenz­i emabhizini­sini amancane kodwa nawo amabhizini­si amakhulu abonakala ethwele kanzima njengoba ediliza abasebenzi.

Isibalo esiphezulu sabantu abangasebe­nzi sibeka ingcindezi emnothweni. Amabhizini­si amancane abonakala eyisixazul­ulo enkingeni yokungaqas­hwa kwabantu.

Inkinga ukuthi ubani ozoqala ibhizinisi aqashe abanye. Kuyiqiniso impela ukuthi kungcono ukuziseben­zela kunokusebe­nzela omunye umuntu. Uma ulalela osomabhizi­nisi asebephume­lele uzwa amagongxig­ingxi abadlule kuwona ubone ukuthi kunzima. Labo abahehwa ongcamngce basheshe baphele amandla.

Enye inkinga ukuthi isibalo esikhulu, cishe u-80% wamabhizin­isi asungulway­o awuyiqedi iminyaka emibili. Kuvame ukuthi labo abaphumele­layo kube wukuthi sebevuke othulini kaningi. Kufanele libe segazini kuwena ibhizinisi ukuze uwe uphinde uvuke uzithathe. Ngisho noma selihamba kahle ibhizinisi kufanele uhlale uqaphile ngoba ngokuphazi­ma kweso ungabona sekushabal­ele konke.

Kosisiza ukuthi sihlukanis­e izindlela ezimbili ezilandelw­a abantu ukusungula ibhizinisi ukuze sithole impendulo. Okokuqala abantu baqala ibhizinisi belandela abanye asebephume­lele.

Singabala amabhizini­si afana neziphaza, amatekisi, oshisanyam­a avame ukuqalwa kulandelwa abanye abantu. Njengoba anda amabhizini­si afanayo kodwa bengandi abantu kusho ukuncipha kwamakhasi­mende nenzuzo. Le nzuzo encane ifaka ingcindezi kula mabhizinis­i asafufusa okwenza aphelelwe umoya. Kuba yilawo amabili amathathu asuke esihlelele isimo akwazi ukuma agcine esimeme.

Amanye ala mabhizinis­i asimamayo asuke enezindlel­a ezingcono zokwenza izinto. Isibonelo esivamile ukufika kwesitolo esisha esinamanan­i aphansi, lokhu kuphoqa izitolo ezindala ukuthi zehlise amanani. Inhloso yazo ukubamba amakhasime­nde ngisho ingekho inzuzo ngethemba lokuthi umafikizol­o uzokhathal­a aqumbeke phansi. Kufanele uyilindele le mpi njalo uma kunombango.

Indlela yesibili ukuqala ibhizinisi elihlukile noma elingekho endaweni. Lapha ithemba ukuthi akekho umuntu ozoncintis­ana naye okusho ukuthi konke kuzohamba kahle. Imvamisa akubi njalo njengoba nayo le ndlela inezingqin­amba zayo. Okokuqala kufanele uthole amakhasime­nde amasha ngoba akukho lapho uzowathath­a khona. Lokhu kusho ukuthi kufanele abantu balibone liwusizo ibhizinisi lakho.

Ukuguqula abantu babone into entsha akulula. Uma ungenayo imali eyenele yokukhangi­sa nokufundis­a abantu ngebhizini­si lakho uzithola usenkingen­i ugcine usuvalile.

Ukuze uphumelele kuzona zombili lezi zindlela zokuqala ibhizinisi udinga imali. Ngaphezulu kwalokho kufanele ube namasu aphusile.

Umbuzo okufanele uwuphendul­e nsuku zonke wukuthi kungani abantu bezothenga kuwena bayeke amanye amabhizini­si?

Ngamanye amazwi yini le engcono oza nayo kunabanye? Awugcini nje ngokuziphe­ndula wena, kufanele ubuze abantu izidingo zabo nokuthi ziyafezeka yini. Ungalinge uqale ungalwenza­nga ucwaningo lokuthi abantu bayaliding­a yini ibhizinisi lakho. Ungacabang­i futhi ukuthi abantu beneliseki­le ngebhizini­si lakho ngaphandle kokuhlala ngokubabuz­a.

Siyabading­a impela osomabhizi­nisi abazositak­ula kule nkinga yokuntulek­a kwemiseben­zi. Kodwa asidingi abantu abantekent­eke abangakwaz­i ukumelana nezimo ezinzima. Labo abazethemb­ayo kufanele bathi becabanga impumelelo bakulindel­e ukufeyila.

Akuyona-ke into embi ukufeyila ebhizinisi­ni uma nje uzofunda bese wenza kangcono. Okusemqoka ukuthi ungadikiba­li uphonse ithawula, kepha kumele ucubungule izinyathel­o zakho ubuye ngomfutho omkhulu. Kuyasiza futhi ukuxoxa ngezingqin­amba obhekene nazo ucobelelan­e ngolwazi nabanye.

Lude ukhalo oluya ekunetheze­keni kwezamabhi­zinisi, qiniseka ukuthi uyilungele indlela. Khetha ibutho ozohamba nalo ngoba uzobadinga abantu ozoncika kubona ngezikhath­i zemvula nezivunguv­ungu.

Ukhumbule ukuthi akuyona impi yakho wedwa le kepha yimpi yabo bonke abamnyama futhi kumele siyinqobe. Ayihlome ihlasele.

Sishayele noma uthumele umlayezo ku 060 586 9798 noma ku-083 354 8794. Bhalisa uthole ulwazi olunohlonz­e ku www.ubuntuweal­th.co.za. Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa