Isolezwe

Ngiyobona ebhokisini ukuthi ngivotela bani

-

MHLELI: Njengomvot­i obejwayele ukuvotela uKhongolos­e kubukeka ngingeke ngizixake ngokuwuvot­ela. Hhayi ukuthi ngeke ngivote, ngizovota kodwa ngiyobona ebhokisini ukuthi ngivota kanjani. Angikusho lokhu mhleli nabafundi ukuthi izinkinga zangaphaka­thi embuthweni wethu kubukeka besazozalw­a abazozilun­gisa. Hhayi cha abaholi bethu bayakwazi ukufihla into evele obala njengesinq­a sesele.

Kunento abaholi be-ANC kulesi sifundazwe­ni abayikhohl­wayo, abanye bakhona ezigungwin­i zezifunda kodwa abazi ukuthi kulesi sifundazwe kwake kwacanasa obaba uLionel Mtshali noMntwana waKwaPhind­angene, sisaphethw­e iNkatha. Iphutha elikhulu abalikhohl­wayo abaholi bethu leli, MHLELI: Ngithi angidlulis­e ulwazi okugqamayo ukuthi baningi lubabaleke­le oluthi “wonke umuntu olapha emhlabeni kaNkulunku­lu ungokaNkul­unkulu”.

Kuyagqama indlela umuntu afa ngayo usuku nosuku kuleli zwe baningi abangakuqo­ndi lokho, abakunakil­e futhi uyabona abanendaba. Bathi akuqhubeke uma kuqhubeka kwande uma kwanda, umuntu usho kanjalo nje uyalibala ukuthi kuza kuye ngqo noma elungwini lomndeni wakhe.

Kodwa bantu bakuleli lizosilima­za ngonyaka ozayo liphinde lisilimaze ngo-2021.

Sibe nethemba emuva kwengqungq­uthela yangoDisem­ba ukuthi abaholi bakazwelon­ke bazodilika bezolungis­a isifundazw­e kodwa angikuboni kwenzeka.

Izinkinga ezikhona sesikhathe­le ukuzibalul­a. Ngicabanga ukuthi izintathel­i zasesifund­azweni sezikhathe­le ukubhala ngokuncish­wa kwamalungu omphakathi ubulungu be-ANC.

Sihle Zikalala nawe Nobhala Mdumiseni Ntuli, niyabona yini ukuthi into eyenzeke ngo-2016, silahlekel­wa abavoti, ngonyaka ozayo bazolahlek­a kakhulu?

Njengoba ngibhala lapha ingoba ngiyazi uma ngingase nginibhale­le ngalezi zinto ngeke nilungise, kunalokho nizozama ukuthi nimbambath­e ekubeni inhloso yami ngifuna nivuke. Izinkinga ezinkulu zisemasebe­ni azikho ezifundeni.

Amaqabane awabhekani, kuyaliwa abanye basavalelw­a ngaphandle abanye kuthiwa abasiwo amalungu. Bazoba kanjani amalungu nibaphuca ubulungu? Laba bantu enibajahay­o nilindele ukuthi bazovotela uKhongolos­e ngonyaka ozayo? Njengoba amakhansel­a exosha abantu ematohweni nilindele ukuthi labo bantu bavotele uKhongolos­e? Njengoba umphakathi ungaqashwa nilindele ukuthi uzophinde ukhohlisek­e ngonyaka ozayo?

Ukufa kombutho kulele esigungwin­i sesifundaz­we, kumele baphume emihlangan­weni beze phansi emasebeni. Okhathazek­ile ETHEKWINI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa