Isikhwama sinamagciwane kumele sihlanzwe: ongoti
KUTHIWA izikhwama eziphathwa ngabesifazane nsuku zonke ezibizwa ngama-hand bag, zinamagciwane abalelwa ku-10 000. Lolu wucwaningo olwenziwe yi-Initial Washroom Hygiene, olugcizelela ukuthi abesifazane kumele banakekele izikhwama zabo ukugwema amagciwane. Kukhunjuzwa abathanda ukuphatha izikhwama ukuthi bazinakekele. Indlela amagciwane okuthiwa maningi ngayo ezikhwameni, adlula ngisho isihlalo sethoyilethi.
UNksz Casey Rousseau we-1st for Women Insurance uthi kunzima ukuthi owesifazane ahlukane nesikhwama.
Ongoti bathi isikhwama sidinga ukuhlanzwa ngaso sonke isikhathi ukuvikela amagciwane. Nakhu ongakwenza ukuvikela amagciwane:
*Sebenzisa insipho evikela amagciwane ukuhlanza isikhwama. Hlanzisiza izinhlobo ezakhiwe ngesikhumba ngoba namagciwane ayathokomala kuzona futhi asabalale.
*Gwema ukubeka isikhwama endlini yokugeza, ekhishini, phansi nasethoyilethi.
*Isikhwama asivalwe ngaso sonke isikhathi.
*Sula izibambo zaso nokuphakathi okubalwa nesikhwama se-make up.
*Beka iLipstick efrijini ubusuku bonke ukukhipha amagciwane ngaphambi kokuyiphindisela esikhwameni.
*Khipha izinto ongasazidingi namagobhozi ezimonyo angasenalutho.
*Uma ufaka ukudla esikhwameni kugoqe kahle.
INational Handbag Day igujwa minyaka yonke ngo-Okthoba 10. Yasungulwa yiPurseBlog.com ngo-2012.