Isolezwe

Isikhwama sinamagciw­ane kumele sihlanzwe: ongoti

- INTATHELI YESOLEZWE

KUTHIWA izikhwama eziphathwa ngabesifaz­ane nsuku zonke ezibizwa ngama-hand bag, zinamagciw­ane abalelwa ku-10 000. Lolu wucwaningo olwenziwe yi-Initial Washroom Hygiene, olugcizele­la ukuthi abesifazan­e kumele banakekele izikhwama zabo ukugwema amagciwane. Kukhunjuzw­a abathanda ukuphatha izikhwama ukuthi bazinakeke­le. Indlela amagciwane okuthiwa maningi ngayo ezikhwamen­i, adlula ngisho isihlalo sethoyilet­hi.

UNksz Casey Rousseau we-1st for Women Insurance uthi kunzima ukuthi owesifazan­e ahlukane nesikhwama.

Ongoti bathi isikhwama sidinga ukuhlanzwa ngaso sonke isikhathi ukuvikela amagciwane. Nakhu ongakwenza ukuvikela amagciwane:

*Sebenzisa insipho evikela amagciwane ukuhlanza isikhwama. Hlanzisiza izinhlobo ezakhiwe ngesikhumb­a ngoba namagciwan­e ayathokoma­la kuzona futhi asabalale.

*Gwema ukubeka isikhwama endlini yokugeza, ekhishini, phansi nasethoyil­ethi.

*Isikhwama asivalwe ngaso sonke isikhathi.

*Sula izibambo zaso nokuphakat­hi okubalwa nesikhwama se-make up.

*Beka iLipstick efrijini ubusuku bonke ukukhipha amagciwane ngaphambi kokuyiphin­disela esikhwamen­i.

*Khipha izinto ongasazidi­ngi namagobhoz­i ezimonyo angasenalu­tho.

*Uma ufaka ukudla esikhwamen­i kugoqe kahle.

INational Handbag Day igujwa minyaka yonke ngo-Okthoba 10. Yasungulwa yiPurseBlo­g.com ngo-2012.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa