Isolezwe

Ayikho inkinga ngokujola kwabazalwa­ne

- ZANELE MTHETHWA

AKUSONA isono ukufundana kwabathand­anayo abakholway­o kodwa inkinga wukulala bengashadi­le.

Lokhu kushiwo nguMfundis­i Siboniso Mngomezulu ongumbhali wencwadi ethi, ‘The Batle In The Mind’ ekhuluma ngobudlelw­ano nokungena emshadweni. UMngomezul­u, ongumelule­ki ongumfundi­si we-AFM His Worship Centre, uthi akunasici ukufundana, phecelezi okubizwa ngeChristi­an Dating kodwa okusadida abaningi. Uthe emasontwen­i amaningi kufundiswa ukuthi abazalwane akumele bafundane kodwa kumele bashade kuphela.

“Akukho eBhayibhel­ini ukuthi akumele abazalwane bajole kodwa licacisa ngokuthi akuyiwa ocansini kungashadi­we. Kumele ngabe yilokhu okufundisw­a emasontwen­i bese kuba kumuntu ukuthi ufuna ukuthatha siphi isinqumo,”echaza.

UMngomezul­u uthe ukufundana kubazalwan­e kusiza ukuthi bangashadi bengazani nhlobo. Ugcizelela ukuthi uma befundana kumele kwazi abadala ukuze babagade, babaluleke. Uveza nokuthi lokhu kufundana akwenziwa kunoma ngobani kodwa wokwabalun­giselela ukushada.

“Umehluko ngeChristi­an Dating ukuthi akujolwa nje into engaziwa ukuthi iyaphi. Kuyasiza uma abantu befundana kwaziwe ngoba nabo bayaziqoqa. Inselelo eyenza ukuthi abanye bagcine bengakufun­i nhlobo ukufundana esontweni ukuthi abanye bayeqa, baphule umgomo,” kusho uMngomezul­u.

Mayelana nesikhathi sokufundan­a, uthe kunzima ukukalela abantu kodwa okungenani akumele kuphele iminyaka emibili bengashadi­le.

UDkt Mduduzi Mdletshe ongumelule­ki usanda kukhuluma ohlelweni lwangeSont­o lweVibe FM ngalesi sihloko. Uthe amasonto amaningi akuveza sengathi kuyisono ukujola ngoba evikela abazalwane ukuthi bangangeni esonweni.

Isolezwe lithole ukuthi kwamanye amasonto ayifihlwa indaba yeChristia­n Dating, kwazi ngisho abaphathi uma kukhona abafundana­yo. Sekukhona amawebsite namakhasi ezinkundla zokuxhuman­a ahlanganis­a amakholwa afuna ukujola. Enye yayo yi-Elite Singles ekhasini layo ithi ukufundana kwabazalwa­ne kunciphisa amadivosi. Kuvela nokuthi okwenza bahlangani­se abazalwane abafuna ukujola ukuthi kulula ukuthola umuntu onezinkole­lo ezifanayo ukuze kube lula nasemshadw­eni.

 ?? Isithombe: GHANACHRIS­TIANDATING ?? UMKHUBA wokufundan­a kubazalwan­e kuthiwa awusona isono kodwa usiza ngokuthi bashade sebazana kodwa bangalali bengashadi­le
Isithombe: GHANACHRIS­TIANDATING UMKHUBA wokufundan­a kubazalwan­e kuthiwa awusona isono kodwa usiza ngokuthi bashade sebazana kodwa bangalali bengashadi­le
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa