‘Abamnyama abazihluphi ngobungozi bomdlavuza’
KUTHIWA abamnyama basenomqondo wokuthi umdlavuza ngowabelungu, okwenza bangazihluphi ngokuwuhlolela.
Lokhu kuvele izolo emcimbini wokuqwashisa ngomdlavuza webele, iBreakfast for Boobies obuhlelwe inhlangano elwa nalesi sifo, iPink Drive eThekwini. UNkk Janice Benecke olawula igatsha lePink Drive esifundazweni, uthe kusewumqansa ukuthi abantu bawuqonde kahle umdlavuza. Uthe ezindaweni zasemakhaya banenkinga yokuthi abantu abakholwa ukuthi nabo bangangenwa umdlavuza.
“Kuningi okuyizinkolelo eziyize njengokuthi abanye bacabanga ukuthi uma uhlolela umdlavuza ngo-Okthoba usemathubeni amaningi okuwuthola ngoba yinyanga yokuqwashisa ngawo. Abantu kumele bazi ukuthi umdlavuza awukhethi ngisho iminyaka. Sike saba nengane eneminyaka emibili etholakale inomdlavuza webele,” kuchaza uNkk Benecke.
Uthe bayazama ukuqwashisa ngisho ezindaweni ezisemakhaya nasezikoleni. Ukhale ngokuthi abasebenzisa izibhedlela zikahulumeni bathatha isikhathi ukwelashwa ngenxa yokugcwala, yingakho behamba zonke izindawo ukuyohlolela umdlavuza.
UNkk Dany Ribbink (42) ongomunye wabaphila nomdlavuza webele uxoxe ngobunzima abhekane nabo eqala ukuthola ngawo. Uthe waqala ukuhlinzwa ngoMashi enesigaxa ebeleni. Uveze ukuthi unina naye wathola ukuthi unomdlavuza eneminyaka engu-39.
“Ngangisaba kakhulu emuva kwesonto ngihlinziwe ngoba kwaba noshintsho nasempilweni yami. Ingono yami yaphenduka yaba mnyama nesikhumba sashintsha. Ngilindele ukuyohlizwa futhi ngesonto elizayo kodwa sengamukele, nomyeni wami uyangeseka kakhulu,” kusho yena.
Ukhuthaze abesifazane ukuthi bathole umbono wesibili kadokotela ukuqinisekisa isimo sempilo yabo. Uthe lokhu kusiza nangokuthi uzinike isikhathi sokwamukela, uthole nodokotela ozokwelapha ngendlela efanele.
UNkk Sarah Walters oyiGenetic Counsellor, ukhulume ngokubaluleka kokuhlola emndenini wonke uma kukhona onomdlavuza. Uveze nokuthi kumele ngisho engekho onomdlavuza abantu bazijwayeze ukuhlolelwa ama-genes ukuze babone uma kukhona osengcupheni yokuwuthola.
Kulo mcimbi kuvele ukuthi imali isayinkinga kakhulu kwabanomdlavuza ngoba ukwelashwa kumba eqolo. Lokhu kufakazelwe nanguNkk Ribbink othe akuwona unyaka omuhle emndenini wakhe ngenxa yezindleko zokwelashwa.
Abesifazane bahlolelwe umdlavuza bafundiswa nendlela yokuzihlola amabele emakhaya. Uhlelo beluphethwe u-Olwethu Leshabane owaziwa emnncintiswaneni kaMrs South Africa nasohlelweni lwethelevishini iReal Housewives.