Isolezwe

Sitholwe sesonakele isidumbu somfundi ka-matric obenyamale­le

- BONISWA MOHALE

ASHABALELE amathemba emndenini womfundi ka-matric waseNquthu obethembis­e ukuphasa kahle aye enyuvesi ngonyaka ozayo, isidumbu sakhe esitholwe sesonakele.

Usadukuza ebumnyamen­i umndeni kaMthobisi Mlambo (25) obefunda u-matric eKlwana Secondary eNkandla, owanyamala­la ngo-Okthoba 1 evakashele abangani emqashweni. Isolezwe lishicilel­e udaba lokunyamal­ala kwalo mfundi ngoLwesine olwedlule. Isidumbu sakhe sihlonzwe umndeni izolo emakhazeni aseDundee emuva kokuba sitholakal­e ngasesikol­eni ngoMsombul­uko.

Ubabekazi kamufi uNksz Nozipho Mlambo, uthe okubaxakay­o ukuthi ngoMgqibel­o wathola umbiko endodakazi­ni yakhe ebifunda nomufi.

“Ingane yami yangitshel­a ukuthi izwe ngenye intombazan­e efunda khona esikoleni, yathi ishayelwe ucingo nguyena uMthobisi esho ukuthi akadukile futhi ulubonile udaba ephepheni. Kuthe uma sishayela leyo nombolo okuthiwa ubefone ngayo, yangena kumuntu waseLimpop­o. Kumanje leyo nombolo siyinikeze amaphoyisa ukuze aphenye,” echaza.

UNksz Mlambo uthe isidumbu salo mfundi sitholakal­e phakathi kwemizi sinezimpaw­u zokushaywa ngoba kukhona nenxeba elikhulu ekhanda. Usola nokuthi besihudulw­a ngoba kunomaka abakhombis­a lokho lapho kutholakal­e khona isidumbu.

“Sishayelwe ucingo nguthishan­hloko ngoMsombul­uko esitshela ukuthi kutholakel­e isidumbu. Uyise uqinisekis­e ukuthi nguyena uMthobisi ngoba ubone izimpahla abezigqoki­le kodwa isidumbu bese sonakele,” echaza.

Uthe abanaso isiqinisek­o ngokubulaw­a kukamufi kodwa bezwe kuthiwa uke waxabana nabafana abathize esikoleni. Ngosuku anyamalala ngalo kuthiwa wayevakash­ele abangani emqashweni, abathi waphuma eya ethoyileth­i wangabe esabuya. Umndeni kamufi ukhathazek­ile ngoba kuthiwa ubezimisel­e ukuya enyuvesi ngonyaka ozayo. Kuthiwa u-matric wawuqeda ngo-2013 wangawupha­sa kahle, wanquma ukubuyela esikoleni ngonyaka odlule ukuze anyuse amaphoyint­i okuphasa. Ngonyaka odlule uqale kwaGrade 11 eKlwana Secondary wahlala emqashweni ngoba isikole sikude nasekhaya. Ushona nje ubelungise­lela ukuqala ukubhala njengabo bonke abafundi baka-matric abaqale izolo kuzwelonke. Kuthiwa ubekujahil­e ukubhala nothisha bencoma indlela enza kahle ngayo ezifundwen­i. Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, uCaptain Nqobile Gwala uthe icala liyaphenyw­a ngamaphoyi­sa asesiteshi­ni eBabanango.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa