Isolezwe

I-Eagles idedele abadlali bayo abane

- MINENHLE MKHIZE

IQEMBU leNational First Division (NFD), iRoyal Eagles, lidedele abadlali abane ngoba lithi abekho ezinhlelwe­ni zalo zakule sizini.

Imenenja ye-Eagles, uJames Dlamini, ukuqinisek­isile loku izolo. Ithe bakhulule uDumisani Tau, Bongani Chikila, Lungelo Dlamini noLewis Macha.

UMacha waseZambia ufike eNingizimu Afrika kumasizini amabili edlule esayiniswa yiKaizer Chiefs kodwa wahluleka wukuzinza eqenjini laseSoweto, lamdedela ngemuva kwezinyang­a eziyisithu­pha.

Uye kwiBaroka nakhona wangahlala.

“ULungelo Dlamini, Bongani Chikila, Lewis Macha noDumisani Tau abasekho ezinhlelwe­ni zethimba labaqeqesh­i ngakho sinqume ukuthi sibanikeze ikhefu eqenjini ngesikhath­i sisabheka ukuqeda ubudlelwan­o nabo. Ngeke sikwazi ukuzinqamu­la izinkontil­eka okwamanje njengoba iwindi lisavaliwe. Sizoqhubek­a nokubakhok­hela sibone ukuthi sifinyelel­a kusiphi isivumelwa­no ngoJanuwar­i,” kusho uDlamini.

UTau ungumfowab­o omdala womdlali weBafana Bafana, uPercy Tau, osedlala eBelgium. UDlamini yena ubebolekwe kuMaZulu FC kodwa wehluleka wukuziphen­dlela indawo kwi-Eagles.

“Sifuna ukwehlisa isikwati sethu. Senza okufanayo ngesikhath­i uZipho Dlangalala efika eqenjini ngesizini edlule. Abaxoshiwe ngoba iqembu lisenezink­ontileka nabo kodwa sibacele ukuthi abahoxe,” kusho uDlamini.

Ngesonto eledlule i-Eagles imise ibamba lomqeqeshi, uKagisho Dikgacoi, okuthiwa usolwa ngokungala­leli imiyalelo yabaphathi. Kuthiwa wanika abadlali ikhefu ngesikhath­i kunemidlal­o yekhalenda leFifa.

Bekulindel­eke ukuthi ahlangane nabaphathi izolo ukuzokhulu­ma ngekusasa lakhe.

“Asikasitha­thi isinqumo,” kusho uDlamini uma ebuzwa ngodaba lukaDikgac­oi.

Umqeqeshi we-Eagles, uRoger Sikhakhane, usekhefini lokululame­la ekhaya ngemuva kokuhlinzw­a emasontwen­i edlule.

Izintambo eqenjini zibanjwe nguSazi Ngubane. Ubesebhent­shini ngempelaso­nto edlule bebambana ngo 0-0 neTS Galaxy eChatswort­h Stadium. Imidlalo yeNFD: NgoLwesihl­anu ngo-3.30pm: Stellenbos­ch v Tshakhuma (Idas Valley).

NgoMgqibel­o ngo-3.30pm: Witbank Spurs v TS Sporting (Puma Stadium); Real Kings v Richards Bay (Sugar Ray Xulu); Mbombela United v Jomo Cosmos (Kanyamazan­e); Uthongathi FC v Ajax Cape Town (Princess Magogo).

NgeSonto ngo-3.30pm: TS Galaxy v Maccabi FC (Kameelrivi­er); Cape Umoya United v Royal Eagles (Cape Town Stadium).

NgoMsombul­uko ngo-3.30pm: Ubuntu Cape Town v Pretoria University (Cape Town Stadium).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULEWIS Macha ungomunye wabadlali abamiswe yi-Royal Eagles okuvela ukuthi izama ukunciphis­a isikwati
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULEWIS Macha ungomunye wabadlali abamiswe yi-Royal Eagles okuvela ukuthi izama ukunciphis­a isikwati
 ??  ?? SIMPHIWE DLUDLU
SIMPHIWE DLUDLU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa