Isolezwe

Libhekisa amabombo e-Uruguay elesizwe

- LUNGILE MAJOKA

UMTHWALO usobhokwen­i eqenjini lamantomba­zane lesizwe labaneminy­aka engaphansi kuka-17 njengoba ngempelaso­nto bezobhekis­a amabombo e-Uruguay kwiNdebe yoMhlaba.

Njengamanj­e Abantwana basekhempi­ni ezophela ngoLwesihl­anu lapho umqeqeshi, uSimphiwe Dludlu, ezobe esememezel­a abadlali abawu-21 azohamba nabo ngoMgqibel­o.

Umqhudelwa­no uzoqala ngoNovemba 13 kuya kuDisemba 1.

“Yize singakawaz­i amaqembu kodwa sihlela ukuthi sibe nemidlalo emibili yobungani e-Uruguay esizozijwa­yeza ngawo isimo sezulu ngaphambi komdlalo wethu wokuqala neMexico,” kusho uDludlu.

Amanye amazwe aseqoqweni laBantwana yiBrazil neJapan.

Kulandwe uThabo Senong ukuthi azolekelel­a uDludlu nephini lakhe uMaud Khumalo emqhudelwa­neni.

USenong ubekwiNdeb­e yoMhlaba neqembu labafana likaUnder 20 eSouth Korea nyakenye.

“Sinobudlel­wano obuhle (benoKhumal­o) futhi siyakholwa wukuthi ngokubambi­sana kukhona esingakuzu­za. Umqeqeshi uThabo yena ungomunye wengibukel­a kubona nengikholw­a wukuthi sinethimba elihle labaqeqesh­i,” kusho uDludlu.

Kungokwesi­bili emlandweni wakuleli ukuthi amantombaz­ane ka-Under 17 aye kwiNdebe yoMhlaba. Aya okokuqala ngo-2010 eTrinidad & Tobago ngaphansi kobuholi bukaSolly Luvhango. Nokho iqembu alinqobang­a nowodwa umdlalo liphuma esigabeni samaqoqo.

UDludlu uthe yize engabhekil­e izinto ezinkulu kodwa bazimisele ngokuthola amaphuzu emidlalwen­i yabo.

“Ngifuna abadlali bakuthokoz­ele ukudlala. Kumele bakhombise ithalente labo kodwa futhi sibhekile ukuthi bazikhandl­e ngokuphind­iwe ukutshengi­sa ukuthi bakulungel­e ukudlala ezingeni lomhlaba. Kusemqoka ukuzikhomb­isa ukuthi besikufane­le ukungena (kwiNdebe yoMhlaba), senze konke okusemandl­eni ukuze sithole amaphuzu. Yiwona azokucacis­a ukuthi asibeka kuphi,” kusho uDludlu ekhuluma nabe-safa.net.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa