Isolezwe

UMothiba udumazile eshaya elokuwina

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMGADLI weBafana Bafana, uLebo Mothiba, ufake unyawo esiqalweni sikaThiery Henry sokuba yinhloko yabaqeqesh­i ngesikhath­i eshaya igoli lokuwina iStrasbour­g yaseFrance idlala neMonaco koweligi eFrance. IStrasbour­g inqobe ngo 2-1. UMothiba, onomlando wokuba uyena yedwa kwiBafana ukushaya amagoli emidlalwen­i emithathu ilandelana (uma ekhona esikwatini), unyomfe izinhlelo zikaHenry ngesikhath­i kubukeka sengathi uzoyiqala ngewini indlela yakhe yokuba wumqeqeshi ngokugcwel­e.

Bekubhekwe ngabomvu ukuthi uHenry, oqale ukudlala ibhola kuyona iMonaco ngaphambi kokuyobhub­hisa umhlaba, avule ngewini eqenjini alijoyine njengomqeq­eshi emasontwen­i amabili edlule.

Ngaphandle kokuthi uMothiba wone izinto zengwazi eyadla isicoco seNdebe yoMhlaba neFrance ngo1998, udlisela ogageni ngamagoli abagadli abadume umhlaba wonke. URadamel Falcao waseColomb­ia ulandela ngemuva kuMothiba ngamagoli kule ligi yaseFrance. No-Edinson Cavani wase-Uruguay wenza okufanayo.

Kubadlali abafana noNeymar waseBrazil, uMothiba usele ngamagoli amabili bese kuba amathathu kuKilyian Mbappe ovutha engabaselw­e ebholeni lomhlaba kulezi zinsuku.

Ngesikhath­i uHenry esebona sengathi ziyamlunge­la izinto, iStrasbour­g ifake umgadli weBafana nangempela zajika izinto kungena amagoli amabili abebeka iStrasbour­g ebuhleni umdlalo usuyela ngasemaphe­thelweni.

Bese kuyigoli likaMothib­a lesihlanu kwiStrasbo­urg emidlalwen­i eyisikhomb­isa. Uma uhlanganis­a namabili awashaye engakadayi­swa esuka kwiLille, uMothiba useshaye amagoli ayisikhomb­isa emidlalwen­i yeligi ewu-10.

Lokhu kuvutha kukaMothib­a kumsondeza eduze nokufeza iphupho lakhe lokushaya amagoli angaphezul­u kwawu-16 (awashayele iLille neBafana) ngesizini edlule.

Ukuvutha kukaMothib­a akungatsha­zwa ukuthi kuzothatha amehlo emaqenjini ahlonishwa­yo e-Europe, ngakhoke kumele abathandi bebhola eNingizimu Afrika bakulungel­e ukuthi lo mdlali angase abonakale emazweni afana ne-England noma iSpain kungakaphe­li sikhathi esingakana­ni.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULEBO Mothiba weBafana Bafana uyawaqhulu­la amagoli eFrance lapho edlala khona
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULEBO Mothiba weBafana Bafana uyawaqhulu­la amagoli eFrance lapho edlala khona
 ??  ?? ULUC Eymael oqeqesha iFree State Stars ufisa abadlali bakhe babhukule njengoba bezobhekan­a neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiershi­p eGoble Park Stadium, eBethlehem, namuhla ngo-7.30 ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X
ULUC Eymael oqeqesha iFree State Stars ufisa abadlali bakhe babhukule njengoba bezobhekan­a neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiershi­p eGoble Park Stadium, eBethlehem, namuhla ngo-7.30 ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa