Isolezwe

USolinas nesizathu sokungamdl­alisi u-Itu

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas, ucacise ngesinqumo sakhe sokuhlalis­a ebhentshin­i ukaputeni waMakhosi u-Itumeleng Khune.

Bekuvimbe uVirgil Vries ngesikhath­i iChiefs ihlula iBlack Leopards kumaphenat­hi kwiTelkom Knockout Last 16 ngeSonto.

Lo nozinti waseNamibi­a, uvimbe amaphenath­i amabili bagcina benqobe ngo 4-2 kulo mdlalo obuseFNB Stadium obuphele zibambene ngo 1-1 ngemuva kwemizuzu ewu-120. Nangesikha­thi kuqhubeka umdlalo uvimbe amabhola amabi abengaweza ngelibanzi iLeopards.

Ngesizini edlule ngaphansi kukaSteve Komphela uKhune ubezitamuz­ela ijezi, nokugcine kuholela ekutheni unozinti uBrilliant Khuzwayo enqabe ukuvuselel­a inkontilek­a ethi ufuna ukuya lapho ezodlala khona. Ugcine esayiniswe yi-Orlando Pirates nokho wafika walimala sekuqala isizini.

UVries usayiniswe kule sizini ukuthi azoba yiphini likaKhune ngemuva kokuchithw­a yiBaroka FC. Phambilini lo nozinti uvimbe kwiMaritzb­urg United nakwiLamon­tville Golden Arrows. “Yinto eyenziwayo ukushintsh­wa konozinti. U-Itu ungunozint­i wethu wokuqala kanjalo nakwiBafan­a kodwa manje sizoqala imidlalo eminingi njengoba kuza nemidlalo yaseAfrika, eyemikhumu­lajezi neligi. Kwesinye isikhathi kuhle ukuphumuza unozinti. Ngisho uGianluigi Buffon uyaphunyuz­wa kwiJuventu­s, kungani kungafanel­e kube njalo naku-Itu? Kodwa sinonozint­i ababili abahle abasezinge­ni lomhlaba. Ngiwubukil­e umdlalo weBafana neSeychell­es (wesibili) uKhune ube nomdlalo omuhle. Ngiwubukil­e noweNamibi­a, uVries naye udlale kahle. Ayisiqwash­isi ebusuku indawo yonozinti eqenjini lethu ngoba noBruce (Bvuma) udlale kahle kwiMacufe,” kusho uSolinas.

Inkulumo kaSolinas ikubeka kucace ukuthi ngempelaso­nto kowabakhay­a baseSoweto uzobuyisa uKhune ezintini.

IChiefs izovakashe­la izimbangi i-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o eFNB Stadium ngo3.30 ntambama.

Amathikith­i alo mdlalo asedayiswe aphela. Kulindelek­e ukuthi kushunqe uthuli njengoba amaqembu ehlukanisw­e amaphuzu amabili kwi-log. IPirates isendaweni yesibili kuthi iChiefs ibe kweyesitha­thu ngamaphuzu awu-14.

Egcina ukuhlangan­a la maqembu ngoMashi, eZimnyama zadlula ngo 3-1 ngegoli kaThembink­osi Lorch namabili kaLuvuyo Memela.

EleChiefs lashaywa uLeonardo Castro, uSolinas aveze ukuthi uthemba ukuthi kuzoshaya usuku lomdlalo eseluleme ngokugcwel­e.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

Namuhla: Free State Stars v Lamontvill­e Golden Arrows (Goble Park Stadium, 7.30pm)

NgoLwesihl­anu: Bidvest Wits v Highlands Park (Bidvest Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Maritzburg United (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Cape Town City v AmaZulu FC (Cape Town Stadium, 8.15pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Sisa Dukashe Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Black Leoapards v Free States Stars (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Lamontvill­e Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium, 3.30pm); Bloemfonte­in Celtic v Baroka FC (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI uVirgil Vries weKaizer Chiefs ushaye into ecokeme ngesikhath­i bebhekene neBlack Leopards emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI uVirgil Vries weKaizer Chiefs ushaye into ecokeme ngesikhath­i bebhekene neBlack Leopards emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 ngeSonto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa