Isolezwe

KUNGENZEKA YINI U-BRILLIANT AQALE NGE-SOWETO DERBY?

-

KWESINYE isikhathi izinto zenzeka ngenye indlela. Iqhawe lakho uPotshoza likukhumbu­le lokhu ngesikhath­i lizibonela ngo si unozinti we-Orlando Pirates uBrilliant Khuzwayo esebenza kanzima eziqeqesha. Kusukela efikile kwiBucs esuka ezimbangin­i zayo ezinkulu iKaizer Chiefs akakaze aligqoke ijezi leZimnyama ngenxa yokulimala.

Indlela abonakale eziqeqesha ngayo kodwa yenza iqhawe lakho lihluleke ukuziba umcabango wokuthi, kungenzeka yini ukuthi abonakale okokuqala edlubhe ijezi le Bucs ibhekene neChiefs.

Ubeyisitha­ndwa kubalandel­i beChiefs uKhuzwayo kwazise ubehlale njalo ehlenga iqembu yize imidlalo ayidlalile ibe mincane ngakho belu ukuthi ubemiswe kabi unozinti ohamba phambili ezweni u-Itumeleng Khune. Ngaphandle kukaSiyabo­nga Mpontshane, amaphutha asenziwe ozonozinti bePirates (uWayne Sandilands noJackson Mabokgwane) akucacisa kuhlale obala ukuthi uKhuzwayo ngabe elakhe ijezi ukube akazange aphazanyis­we ukulimala akuthole esanda kusayina kwiPirates.

Kwesinye isikhathi izinto zenzeka ngendlela thina esisemhlab­eni eisngeke sayichaza kodwa uma kungukuthi uKhuzwayo uzikhandla kanjena nje, usetsheliw­e ukuthi uzowuqala umdlalo ngoMgqibel­o eFNB Stadium. Kuzoba umdlalo uPotshoza azobe ewubheke ngabomvu kulandela ukuthi uKhuzwayo ebhale ekhasini lakhe lezokuxhum­ana ukuthi ukusayina kwkhe kwiPirates kwaba yiphupho ngoba ilona iqembu elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika. njengomqeq­eshi. Uvele abhekise amabombo kumkakhe eColombia uma elimele. Uzwa sekuthiwa usewatheng­ile namathikit­hi okundiza okuyinto eyenza wena njengomqeq­eshi ungabe usaba nalo ithuba lokumvimba. Kwamanje ngeke ngimangale uma kungathiwa akekho eNingizimu Afrika ngoba uma elimele uyahamba aye kumkakhe,” kusho uMokwena.

Kwale noma esetshelwa uMokwena ukuthi uCastro ukhona futhi angase aqale ukuziqeqes­ha ngokugcwel­e ngoMsombul­uko kodwa waqhubeka nokukhulum­a sakubhuqa.

“Uqala nini ukuziqeqes­ha?” Ubuze kanje lo mqeqeshi.

Uqhube wathi: “Uma nithi uqale ngoMsombul­uko ukuziqeqes­ha ubebuye nini eColombia? Unjani umkakhe unitshelil­e? Ngiyamazi uCastro mina ngakho kholwani mina uma nginitshel­a ngaye.”

“Bayatholan­a manje noKhama (Billiat) ngakho kumele sizibambe ziqine, uma ekhona. Kungcono kodwa ngoba uzobe edlala okokuqala ngemuva kwesikhath­i eside. Kuzobe kunzima kuyena lokhu, uma ezobe ekhona. Iqiniso lapha ukuthi iChiefs izobe ithatha amashansi uma imdlalisa kodwa sizobona,” usho kanje uMokwena sakubhuqa. Eagles kwiNationa­l First Division asengumdla­li wayo.

Ngempelaso­nto edlule uPotshoza umbonile lo mdlali ngesikhath­i i-Eagles ibhekene neTS Galaxy eChatswort­h Stadium.

Ubengekho esikwatini, ubeyisibuk­eli. Ngesikhath­i sekuphele umdlalo ingoma beyisho phezulu, leli qhawe lakhe lizibonele le nsizwa ihluleka wukuzibamb­a, ishona ivumbuka, ishaya ivosho yodumo!

Umbuzo kaPotshoza usekutheni, uFikizolo ngathi sekumele akhethe ukuthi usazimisel­a ngokudlala ibhola, noma usefuna ukungena esiteji, ashaye amavosho ngoba yena unalo ithelente lale nto.

 ??  ?? BRILLIANT KHUZWAYO
BRILLIANT KHUZWAYO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa