Isolezwe

IBIZWA NGANI LE NTO NGEMPELA?

-

ANGAZI noma yishwa leli, noma ukuthathan­a kancane okanye yindelelo nje engadinge kuchazwa.

UFaouzi Benzarti, obeqeqesha iTunisia, uyoyixoxel­a amagwababa echobana indaba yakhe nenhlangan­o eyengamele ibhola kuleliya lizwe.

Phela lo mqeqeshi uvele waxoshwa eqenjini lesizwe ngemuva kokuhlunge­la ngempumele­lo umqhudelwa­no i-Africa Cup of Nations (Afcon). ITunisia ishaye iNiger ngo 2-1 ngeledlule, yazibekise­la indawo eCameroon, kwi-Afcon yangonyaka ozayo.

Ukwenza lokhu nje uBenzarti uthathe izintambo kukubi kwiTunisia, kusanda kushiya uNabil Maaloul oshiye kwiCarthag­e Eagles ngemuva kweNdebe yoMhlaba.

Esesebenze kanzima kunjalo uBenzarti, bamchithil­e abaphethe ibhola eTunisia, futhi bengaqali. Bese kungokwesi­thathu bemxosha kulesi sikhundla!

Esitatimen­deni esikhishwe yiTunisa Football Federation (TFF) kuvele ukuthi: “Ibhodi eyengamele ibhola eTunisia, ithathe isinqumo ngoMgqibel­o, sokuthi siqede ubudlelwan­o nomqeqeshi weqembu lesizwe uFaouzi Benzartui”.

Simthusile lesi sinqumo uPotshoza, ngoba phela uBenzarti ubeqashwe ngoJulayi nonyaka.

“Ibuhlungu lento abayenza kimina, bayenza ngoba nakhu ngingowoku­dabuka khona lapha eTunisisa, bebengeke beyenze ukube ngingowang­aphandle. Ngishiye yonke into phansi, ngasiza izwe lami ebelingidi­nga. Nemiphumel­a yami iyazikhulu­mela. Impela lokhu abakwenze kimina akukuhle neze,” usho kanje uBenzarti.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa