I-Eagles idedele abadlali bayo abane
IQEMBU leNational First Division (NFD), iRoyal Eagles, lidedele abadlali abane ngoba lithi abekho ezinhlelweni zalo zakule sizini.
Imenenja ye-Eagles, uJames Dlamini, ukuqinisekisile loku izolo. Ithe bakhulule uDumisani Tau, Bongani Chikila, Lungelo Dlamini noLewis Macha.
UMacha waseZambia ufike eNingizimu Afrika kumasizini amabili edlule esayiniswa yiKaizer Chiefs kodwa wahluleka wukuzinza eqenjini laseSoweto, lamdedela ngemuva kwezinyanga eziyisithupha.
Uye kwiBaroka nakhona wangahlala.
“ULungelo Dlamini, Bongani Chikila, Lewis Macha noDumisani Tau abasekho ezinhlelweni zethimba labaqeqeshi ngakho sinqume ukuthi sibanikeze ikhefu eqenjini ngesikhathi sisabheka ukuqeda ubudlelwano nabo. Ngeke sikwazi ukuzinqamula izinkontileka okwamanje njengoba iwindi lisavaliwe. Sizoqhubeka nokubakhokhela sibone ukuthi sifinyelela kusiphi isivumelwano ngoJanuwari,” kusho uDlamini.
UTau ungumfowabo omdala womdlali weBafana Bafana, uPercy Tau, osedlala eBelgium. UDlamini yena ubebolekwe kuMaZulu FC kodwa wehluleka wukuziphendlela indawo kwi-Eagles.
“Sifuna ukwehlisa isikwati sethu. Senza okufanayo ngesikhathi uZipho Dlangalala efika eqenjini ngesizini edlule. Abaxoshiwe ngoba iqembu lisenezinkontileka nabo kodwa sibacele ukuthi abahoxe,” kusho uDlamini.
Ngesonto eledlule i-Eagles imise ibamba lomqeqeshi, uKagisho Dikgacoi, okuthiwa usolwa ngokungalaleli imiyalelo yabaphathi. Kuthiwa wanika abadlali ikhefu ngesikhathi kunemidlalo yekhalenda leFifa.
Bekulindeleke ukuthi ahlangane nabaphathi izolo ukuzokhuluma ngekusasa lakhe.
“Asikasithathi isinqumo,” kusho uDlamini uma ebuzwa ngodaba lukaDikgacoi.
Umqeqeshi we-Eagles, uRoger Sikhakhane, usekhefini lokululamela ekhaya ngemuva kokuhlinzwa emasontweni edlule.
Izintambo eqenjini zibanjwe nguSazi Ngubane. Ubesebhentshini ngempelasonto edlule bebambana ngo 0-0 neTS Galaxy eChatsworth Stadium. Imidlalo yeNFD: NgoLwesihlanu ngo-3.30pm: Stellenbosch v Tshakhuma (Idas Valley).
NgoMgqibelo ngo-3.30pm: Witbank Spurs v TS Sporting (Puma Stadium); Real Kings v Richards Bay (Sugar Ray Xulu); Mbombela United v Jomo Cosmos (Kanyamazane); Uthongathi FC v Ajax Cape Town (Princess Magogo).
NgeSonto ngo-3.30pm: TS Galaxy v Maccabi FC (Kameelrivier); Cape Umoya United v Royal Eagles (Cape Town Stadium).
NgoMsombuluko ngo-3.30pm: Ubuntu Cape Town v Pretoria University (Cape Town Stadium).