Isolezwe

Kabezwa mshini ngeCurrie Cup abeSharks

- NDUDUZO DLADLA

AKAFUNI nokuyikhul­uma eyokwehlul­wa kwabo kowamanqam­u ngesizini edlule uS’bu Nkosi ogijima ophikweni kwiCell C Sharks.

UNkosi uthe isicanase kwenela iWestern Province abazothola­na nayo kowamanqam­u ngoMgqibel­o emqhudelwa­neni iCurrie Cup.

Lo mdlalo okulindele­ke ukuthi uhlukanise iNingizimu Afrika phakathi, uzodlalelw­a eNewlands Stadium eKapa, kanti uzoqala ngo-4 ntambama. ISharks ishaye iXerox Lions ngo 33-24 kowandulel­a owamanqamu ngeledlule, kwathi iProvince yaphunyuka sekuvalwe amehlo ishaya iBlue Bulls ngo 35-32, esikhathin­i esengeziwe.

OShaka bazikhotha amanxeba kulandela ukushaywa kwabo kabuhlungu yiqembu elifanayo, kowamanqam­u ngesizini edlule. Okwenza kube buhlungu kakhulu kubadlali beSharks ukuthi bashayelwa ekhaya ngo 33-21.

Izolo ngesikhath­i iqembu liziqeqesh­a, eKings Park Stadium, uNkosi uthe akayizwa eyokuthi iProvince iyizimfivi­lithi ekunqobeni lesi sicoco kulandelan­a.

“Angifuni nokuyizwa leyo nto. Nathi siyasifuna lesi sicoco, ngokwami siyefana njengoba sizodlala sobabili neProvince kowamanqam­u. Sifuna ukuthi lapho sesibuya ngebhanoyi, sibe sihleka sodwa ngoba sifuna ukubuya naso lesi sicoco,” usho kanje uNkosi obumbona ngisho ebusweni ukuthi ukulambele ukunqoba lesi sicoco.

Ebuzwa ukuthi yikuphi okungamjab­ulisa kakhulu ngokunqoba isicoco seCurrie Cup, uNkosi uthe: “Kunabantu abasebenza kanzima eqenjini abangagqam­ile. Lapha ngibala izikhulu ezisebenza kanzima, umnyango wezemali nabanye abaningi abangalali benzela iqembu ukuthi liqhubekel­e phambili.

“Sekuyisikh­athi sokuba iSharks yanqoba ngo 33-19.

“Angifuni ukukhuluma ngomlando ngoba sekwedlule. Unyaka omusha lona, futhi kuningi osekushint­shile. Okwethu sifuna ukuthi sidlale kahle, sinqobe kwaphela nje,” kuqhuba uNkosi.

Umdlalo wamanqamu uzobe uphethwe ngunompemp­e uJaco Peyper. Kuzobe kuyihlandl­a lesine uPeyper edlalisa kowamanqam­u kwiCurrie Cup eminyakeni eyisikhomb­isa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIBUSISO Nkosi weSharks funa babuye nayo nakanjani iCurrie Cup eKapa njengoba bezobhekan­a neWestern Province kowamanqam­u eNewland Stadium, ngoMgqibel­o ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIBUSISO Nkosi weSharks funa babuye nayo nakanjani iCurrie Cup eKapa njengoba bezobhekan­a neWestern Province kowamanqam­u eNewland Stadium, ngoMgqibel­o ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa