UMothiba udumazile eshaya elokuwina
UMGADLI weBafana Bafana, uLebo Mothiba, ufake unyawo esiqalweni sikaThiery Henry sokuba yinhloko yabaqeqeshi ngesikhathi eshaya igoli lokuwina iStrasbourg yaseFrance idlala neMonaco koweligi eFrance. IStrasbourg inqobe ngo 2-1. UMothiba, onomlando wokuba uyena yedwa kwiBafana ukushaya amagoli emidlalweni emithathu ilandelana (uma ekhona esikwatini), unyomfe izinhlelo zikaHenry ngesikhathi kubukeka sengathi uzoyiqala ngewini indlela yakhe yokuba wumqeqeshi ngokugcwele.
Bekubhekwe ngabomvu ukuthi uHenry, oqale ukudlala ibhola kuyona iMonaco ngaphambi kokuyobhubhisa umhlaba, avule ngewini eqenjini alijoyine njengomqeqeshi emasontweni amabili edlule.
Ngaphandle kokuthi uMothiba wone izinto zengwazi eyadla isicoco seNdebe yoMhlaba neFrance ngo1998, udlisela ogageni ngamagoli abagadli abadume umhlaba wonke. URadamel Falcao waseColombia ulandela ngemuva kuMothiba ngamagoli kule ligi yaseFrance. No-Edinson Cavani wase-Uruguay wenza okufanayo.
Kubadlali abafana noNeymar waseBrazil, uMothiba usele ngamagoli amabili bese kuba amathathu kuKilyian Mbappe ovutha engabaselwe ebholeni lomhlaba kulezi zinsuku.
Ngesikhathi uHenry esebona sengathi ziyamlungela izinto, iStrasbourg ifake umgadli weBafana nangempela zajika izinto kungena amagoli amabili abebeka iStrasbourg ebuhleni umdlalo usuyela ngasemaphethelweni.
Bese kuyigoli likaMothiba lesihlanu kwiStrasbourg emidlalweni eyisikhombisa. Uma uhlanganisa namabili awashaye engakadayiswa esuka kwiLille, uMothiba useshaye amagoli ayisikhombisa emidlalweni yeligi ewu-10.
Lokhu kuvutha kukaMothiba kumsondeza eduze nokufeza iphupho lakhe lokushaya amagoli angaphezulu kwawu-16 (awashayele iLille neBafana) ngesizini edlule.
Ukuvutha kukaMothiba akungatshazwa ukuthi kuzothatha amehlo emaqenjini ahlonishwayo e-Europe, ngakhoke kumele abathandi bebhola eNingizimu Afrika bakulungele ukuthi lo mdlali angase abonakale emazweni afana ne-England noma iSpain kungakapheli sikhathi esingakanani.