Isolezwe

U-Eymael nexhala ngowe-Arrows

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UYABALISA ngokuzitha­mbisa kwabadlali bakhe abathile umqeqeshi weFree State Stars, uLuc Eymael, ngaphambi komdlalo omqoka neLamontvi­lle Golden Arrows, kwi-Absa Premiershi­p namuhla ngo-7.30 ebusuku eGoble Park, eBethlehem, eFree State.

Ngaphambi kokuthi ziye ekhefini lemidlalo yeFifa, iFree State iphumelele ukuqoqa amaphuzu amathathu okwesithat­hu kule sizini, imangaza omakhelwan­e bayo iBloemfont­ein Celtic. Lo mphumela ube muhle kwezika-Eymael kodwa lo mqeqeshi uyakhala ngokuthi kunabadlal­i athembele kubona abamenzela phansi.

Okungase kukhuthaze lo mqeqeshi waseBelgiu­m ngaphambi komdlalo, ukuthi la mawini akhona kwiFree State, womathathu iwathole idlalela ekhaya. Lokhu kuchaza ukuthi i-Arrows kumele izibambe ziqine njengoba isanda kubhekana nobunzima idlala oweTelkom Knockout kade beduve ebhasini amahora ngenxa yengozi yomgwaqo.

Nabo Abafana Bes’thende beza lapha behambela phezulu kweyeligi ngoba bavale ngomphumel­a omuhle lapho beshaye khona ePrincess Magogo iBlack Leopards ngo 1-0 wegoli likaKnox Mutizwa. Okuzokwenz­a uClinton Larsen aye emdlalweni enethemba ukuthi kusukela isizini iqalile mithathu imidlalo esidlalwe yi-Arrows, yangangene­lwa yigoli. Nasekuhamb­eni i-Arrows yilapho ingcono khona kwazise kowokugcin­a ewudlale ingekho ekhaya ibambane ne-Orlando Pirates ngo 0-0 e-Orlando Stadium, eSoweto.

“Kule sizini abadlali bami sebekukhom­bise kaningi ukuthi uma bengazinik­ela ngendlela elindeleki­le singaba yinkinga emaqenjini amaningi. Siyiqembu eliyingozi uma sidonsa sonke kodwa manje inkinga ukuthi lokho akwenzeki okwamanje. Ngeke kwaphikwa ukuthi uma sidonsa sibhekise ezindaweni ezahlukene ngeke siyithole imiphumela esiyibheki­le,” kusho u-Eymael.

Esesonga u-Eymael ukhumbuze abadlali bakhe ukuthi balona iqembu elinabadla­li abagqamile, amandla abo alele ekutheni wonke umuntu azinikele kumbe azimisele ngakho konke anakho.

“Ngeke siphumelel­e ngabadlali abayisipes­heli njengoba kwenzeka kwamanye amaqembu ngoba thina asinabo labo badlali abanjalo.

Sikholelwa ekutheni sisebenze njengeqemb­u, sihloniphe isitha bese siqiniseki­sa ukuthi ibheji lethu lihlale lihloniphe­kile. Asinabo oMessi (Lionel) kumbe uCristiano (Ronaldo).

Ukungabi nabo abadlali abafana nalaba kusho ukuthi siphoqelek­ile ukusebenzi­sana ngokubambi­sana sonke.

Inkinga manje wukuthi bambalwa abadlali abenza lokho kodwa abanye bazenzela okwabo nje.”

Kusukela ngo-2000/2001 la maqembu asebhekane amahlandla awu-26. I-Arrows isaphumele­le ukunqoba eyisikhomb­isa yaleyo midlalo, kwathi iFree State yanqoba eyishumi. Imidlalo eyisishiya­galolunye iphele ngokuthi zicazelane amaphuzu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa