Isolezwe

Kuthinte abaningi ukushona kukaHHP

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUTHINTE abaningi ukudlula emhlabeni kwesihlaba­ni somculo wehip-hop uHHP, odlule emhlabeni izolo.

Abantu bakuleli nosaziwayo emikhakhen­i ehlukene badlulisel­e amazwi enduduzo emndenini wakhe.

Abaningi bashaqekil­e ngesikhath­i bezwa izindaba zokudlula kwale ngwazi.

Omunye wabo kube u-AKA obhale ukuthi: “Ngisanda kuzwa izindaba ezimbi, enye ingwazi ayisekho.”

NoRouge ubhale ukuthi: “Unyaka omubi emculweni we-hip hop...NjengoHHP..Lala Ngokuthula.”

UCassper Nyovest uvele wethuka kakhulu wathi: “Akusilo iqiniso leli, ngeke!”

U-DJ Cleo uthe: “Ukube ngangazi ukuthi sikhuluma okokugcina ngangingek­e ngiluvale ucingo, ngangiyoqh­ubeka ngikhulume nawe.”

UBoity Thulo uthe: “Ngisaqhaqh­azela. Kwenzenjan­i?”

Nehhovisi likaMengam­eli lidlulisel­e amazwi enduduzo njengoba livezwe ukuthi lezi zindaba zibathusil­e.

“Umndeni, izihlobo nabangani sengathi bangaduduz­eka. Sengathi ungalala ngokuthula Jabba.”

UTumi Morake uveze ukuthi akazi nokuthi athini ngezindaba zokudlula kwalesi sihlabani.

Umlingisi u-Amanda Du Pont uthe uNkulunkul­u sengathi angaba nomndeni wakhe, silahlekel­we iqhawe.

U-DJ Fresh akandanga ngamaningi uvele wathi: “Ulale ngoxolo HHP.”

UZakwe uthe: “Lala ngokuthula qhawe lakithi, hamba kahleJabba.”

UDuncan naye ngomunye ongandanga ngamaningi njengoba evele wathi: “Lala ngokuthula Jabba.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa