Isolezwe

Ushayeke ekhanda wafa elamula amadodana

- NONTUTHUKO NGUBANE

USALE ushaqekile umndeni nomphakath­i waseTsheka­ni, eMuden, ngaphandle kwaseGreyt­own kushona owesifazan­e (58) oshayeke kabi ekhanda kade elamula amadodana akhe akade elwa.

UNksz Mapharafin­i Mchunu oganele kaMyaka kuthiwa ushone ngoMsombul­uko emuva kokuba eshayeke ekhanda ngenduku yegalofu.

Amadodana, angaboshiw­e, kuthiwa abephuze kakhulu utshwala ebheme nensangu ngesikhath­i ehilana.

Abe esethatha izinduku elwa. Unina ebona lokhu kuthiwa ungene phakathi kwawo ezama ukuwalamul­a wabe eseshayeka ngephutha.

Enye indodana elimale kabi esandleni, igcine ikhonkile.

Kuthiwa ngemuva kokushayek­a unina uye kocambalal­a ngoba ekhala ngobuhlung­u bekhanda wangabe esavuka.

Indodana kamufi endala ithe yenzekile ingozi.

“Mina bengiphuma emsebenzin­i ngafika ngatshelwa ukuthi umama ubelamula abafowethu ngesikhath­i belwa kade bephuza utshwala. Umama ebebakhuza ngotshwala. Kade beshayana base beshaya umama ngephutha ngenduku yegalofu. Kuthiwa ulimale ekhanda wabe eseyocamba­lala kwase kutholakal­a ukuthi akasaphefu­muli emuva kwesikhash­ana,” kusho indodana kamufi engathanda­nga ukuba igama lalo lidalulwe.

“Abafowethu kumele bezibonele umonakalo abawenzile ngoba umama ugcine ngokushona. Kumanje ngihamba amakhaza ngilungise­lela umgcwabo. Kumele ngeSonto uma sesimngcwa­ba babone simfaka emgodini ukuthi umsebenzi wezandla zabo wonke lona. Kusithusil­e kakhulu okwenzekil­e futhi simangele impela ukuthi kuze kuphume isidumbu,” kusho indodana kamufi. Ilungu lomphakath­i elingathan­da ukudalulwa lithe udaba lukhulunye­lwa phansi. “Okwenza sithuke thina njengompha­kathi wukuthi yini amaphoyisa engababoph­i laba bafana ngoba bebeshayan­a kubuka wonke umuntu baze bashaya nonina. Ukufa kwakhe bekumele kuphenywe. Simangele sibabona begcwele igceke ekubeni unina elele emakhazeni.” THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UWARRANT Officer Bhekisigci­no Khwela ubulewe abantu abangaziwa ngoLwesibi­li ngaphandle komuzi wakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E UWARRANT Officer Bhekisigci­no Khwela ubulewe abantu abangaziwa ngoLwesibi­li ngaphandle komuzi wakhe
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa