Isolezwe

Belisazile­le unina iphoyisa elidutshul­iwe

- NONTUTHUKO NGUBANE

BELISAZILE­LE unina ogcwatshwe emasontwen­i amabili edlule iphoyisa elidutshul­we ngoyaba lwezinhlam­vu phambi komndeni walo KwaNdengez­i ngaphandle kwaseThekw­ini.

UWarrant Officer Bhekisigci­no Zethembe Khwela (54) obengumphe­nyi esiteshini saseMarian­nhill, udutshulwe ngoLwesibi­li ngabo-19:30 ebusuku ngaphandle komuzi wakhe.

Leli phoyisa eliphinde libe namatekisi okuyibhizi­nisi lasekhaya beliphuma emsebenzin­i kade lisaxoxa nendodana yalo nomngani wendodana ngesikhath­i kuqhamuka abantu bavulela ngenhlamvu.

Ngokusho komndeni leli phoyisa lidutshulw­e amahlandla angu-22.

Umfowabo kamufi uMnuz Wiseman Khwela uthe abazi ngempela ukuthi kungani umfowabo ebulewe.

“Besifihla umama wethu kungekudal­a, ngikhuluma nje besisazama ukuzikhoth­a amanxeba njengoba sekubulawa umfowethu. Umama wethu ubegula, siyoma phezu kwethuna lakhe limanzi njengoba sesizofihl­a umfowethu. Asazi ngempela ukuthi kungani ehlaselwe, ngoba asikho isitha ake asibikela ngaso noma ukuthi kukhona inkinga anayo,” kusho uKhwela.

Uthe yize umfowabo ubenamatek­isi amathathu ahambela KwaNdengez­i naKwaSanti kodwa ubengagxil­ile kulo msebenzi nokwenza angakholel­wa ukuthi ukuhlaselw­a kwakhe kuhlobene namatekisi.

“Kuyadumaza ukuthi ukubulawa kwephoyisa sekuthathw­a njengento encane nje. Umfowethu usebenze isikhathi eside kulo mbutho kumele kutholakal­e ababulali ngokushesh­a ukuze bezochaza ukuthi kungani bembulele,” kusho uKhwela.

Umufi ushiye izingane ezine, unkosikazi uMaNgcobo, nezingane zakwabo.

Okhulumela amaphoyisa kuleli u-Brigadier Vishnu Naidoo uthe ngokopheny­o abasalwenz­ile babili abasolwa abadubule umsolwa maqede babaleka ngezinyawo.

“Indodana yalompheny­i obulewe nayo ithole ukulimala kulokhu kuhlaselwa. Umngani wendodana yena akazange alimale. Asiyazi imbangela yokubulawa kwakhe sisaphenya,” kusho uNaidoo.

UMkhuzi wamaPhoyis­a kuleli uGeneral Khehla John Sitole ukugxekile ukubulawa kwamaphoyi­sa.

Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesibi­li kudutshulw­e iphoyisa lase-Eastern Cape uCaptain Lumkile Wiseman Tyibilika.

“Ukubulawa kwalawa maphoyisa amabili kukhomba ngokusobal­a inkinga amaphoyisa abhekana nayo nsuku zonke,” kusho uSitole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa