Isolezwe

Amaqembu awaboni ngokufana ngokwaba kukaMbowen­i

- MHLENGI SHANGASE

KUHLUKANE imibono emaqenjini ezepolitik­i ngesabelo sezimali sokuqala sikaNgqong­qoshe weziMali uMnuz Tito Mboweni. Kukhona akuncomile amanye athe akukho okusha akushilo.

UMboweni uthule isabelo sezimali samaphakat­hi nonyaka ePhalamend­e eKapa izolo ntambama, selokhu eqokwe nguMengame­li Cyril Ramaphosa emuva kokusula kukaMnuz Nhlanhla Nene.

USotswebhu we-EFF uMnuz Floyd Shivambu uthe ucabanga ukuthi abantu ababuyelwa­nga yithemba ngalesi sabelo.

“Bekumele amemezele ukuthi uzoyiqeda eyabantu abaqashwa nguhulumen­i ukuthi benze imisebenzi ethile bese kuqeqeshwa abasebenzi bakahulume­ni ukwenza leyo misebenzi.”

UMnuz David Maynier, weDA uthe sizonyuka isikweletu, abasebenzi kuzodingek­a bakhokhe intela eningi kunabayikh­okhayo.

“Umnotho awuphathwa­nga ngendlela iminyaka eminingi.”

UDkt Pieter Groenewald weFreedom Front Plus, uthe abakhokhi bentela bazokhokha kakhulu, akukho okubuyisa ithemba kulesi sabelo.

Uthe uyakwamuke­la ukuthi yehlile imali ebizoshoda isuka kuR40 billion ngoFebhuwa­ri yaya kuR27 billion emalini ezoqoqwa kwintela.

USolwazi Nhlanhla Khubisa weNFP uthe bayasamuke­la isabelo kwezemfund­o, ezenhlalak­ahle nakwezempi­lo ngoba yikhona okungumgog­odla wezinto ezithinta abantu.

UMgcinimaf­a we-ANC, uMnuz Paul Mashatile uthe yisabelo sabantu ngoba sethulwe ngesikhath­i esinzima senzikamno­tho.

Uthe bayakwamuk­ela ukuthi abafundi bazothola amaqakelo ezikoleni.

UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM uthe bayazamuke­la izinto ezifakwe ngaphansi kwezingeke zifakwe iVAT okubalwa amaqakelo noflawa.

UMnuz Mkhuleko Hlengwa, we-IFP ukhale ngezinkamp­ani zikahulume­ni ezihlale zitakulwa ngemali. Ubale i-Eskom, Denel, SAA nezinye. Uyamukele eyamaqakel­o, wathi uMboweni akazange asho lutho ngezihlelo zokukhipha abantu ebubheni.

UMnuz Mosiuoa Lekota weCope uthe uhulumeni uhlale uboleka imali, inkinga yadalwa ngowayengu­mengameli Jacob Zuma.

“Imali yanyuka kuZuma yaba nkulu kakhulu njengoba izofinyele­la kuR3 trillion imali esiyikwele­tayo.”

I-SACP ithe izokhuluma nohulumeni namadlelan­dawonye ngendaba yokubuyeke­zwa kwezinkamp­ani ezingaphan­si kukahulume­ni.

Ithe uma kwehliswa amaholo kumele kuqalwe ngawezikhu­lu hhayi abasebenzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa