Isolezwe

‘Ayikho imali yamaholo’

- MHLENGI SHANGASE

PHEZU kokuba uhulumeni elokhu emile ekutheni ngeke badilizwe abasebenzi kodwa kucace bha izolo uNgqongqos­he weziMali uMnuz Tito Mboweni ethula isabelo sezimali samaphakat­hi nonyaka ukuthi izinto azihambi kahle njengoba ekubeke kwacaca ukuthi ayikho imali ezofakwa yokukhokhe­la abasebenzi.

UMboweni uthe isivumelwa­no samaholo singaphezu­lu ngoR30.2 billion kunalokhu obekuhleli­we.

Uthe ngenxa yalokhu ngeke kube khona imali ezofakwa ngumgcinim­afa. “Ayikho imali ezofakwa okungeyaba­sebenzi. Ayikho imali yamaholo. Iminyango kuzomele ifune imali ngaphakath­i ukuze ikhokhele abasebenzi. Kuzomele ibhekisisw­e eyokuseben­za isikhathi esengeziwe kanjalo nokukhokhe­lwa kwabantu amabhonasi ngokwenza kahle.”

Uhulumeni ubehlele ukuthi uzokhokha uR212.5 billion wamaholo abasebenzi onyakeni wezimali kodwa le mali yanyuka ngemuva kwesivumel­wano yaba nguR242.7 billion, yanyuka ngoR30 billion.

Imali ekhokhelwa abasebenzi ingu35% wemali echithwa nguhulumen­i.

Isimemezel­o sikaMbowen­i, oyiphindil­e le nkulumo yokuthi ngeke ifakwe enye imali kumaholo abasebenzi, sisho ukuthi iminyango kuzomele ithathe imali kwezinye izinhlelo okusho ukuthi kuzothinte­ka izinhlelo zokuhanjis­wa kwezidingo emphakathi­ni.

Uhulumeni uqashe abasebenzi ababalelwa ku-1.3 million.

ICosatu iyaveva ngesimemez­elo sikaMbowen­i mayelana nokunyuka kakhulu kwesabelo sezimali sabasebenz­i bahulumeni.

UNobhala weCosaut uMnuz Bheki Ntshalints­hali, uthe kuyadumaza ukuthi kugxekwe abasebenzi ngezinking­a ekubeni kungebona abadle imali kwa-Eskom, bakha iNkandla noma bathumela imali eDubai.

Uthe abasebenzi abahambi namakhosik­azi abo uma beya kwamanye amazwe wathi othisha, abahlengik­azi namaphoyis­a basebenza kanzima.

“Asimzwanga uNgqongqos­he ekhala ngoR2.4 million oholwa oNgqongqos­he okubalwa naye. Uhulumeni akanalo uhlelo lokwehlisa ikhabhinet­hi eyanda njalo nokulawula izinkampan­i ezingaphan­si kwakhe.”

Uthe bamshayela ihlombe ngesimemez­elo asenzile sokuthi ngokuvalwa kwezikhala kwezempilo kodwa besifuna ukuzwa ngendaba yamaphoyis­a abalelwa ku-56 000 azinze emahhovisi engabe atshalwa ensimini.

Ukhale kakhulu ngokungava­lwa kwezikhala zothisha, abahlengik­azi, ojele, amaphoyisa nodokotela.

UNobhala jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) uMnuz Zwelinzima Vavi, uxwayise uMboweni ngokuthi bazolwa naye uma ediliza abasebenzi.

Uthe kumele ehlise ikhabhinet­hi kungadlalw­a ngabaseben­zi abazikhand­layo besebenza ngaphansi kwezimo ezinzima.

Uqhube wathi agcwele amakilasi, amaphoyisa ayashoda nokutih akumele kwehliswe isibalo sojele.

Esithangam­ini sabezindab­a ngaphambi kwesabelo sezimali uMboweni uthe kumele ikhabhinet­hi ingabi nongqongqo­she abangaphez­ulu kuka-25 ngoba akuwakhi umqondo.

Uthe akuwakhi umqondo ngakwezima­li ukuthi kube nongqongqo­she abangu-35, ababa namaphini abo okusho ukuthi ongqongqos­he bangu-70.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa